Namhlanje ngithi angingene ngigamanxe esihlokweni esimayelana namadoda ashadile kepha ala ukhasha ezintombini ikakhulu amaqhumampojwana.
Obaba abashadile ikakhulu abasebenza kahle noma ngithi nje abanemali, abaqonywa go!
Manje osekungiphazamisa yibona abesifazane ababaqomayo. Ngisanda kulalela indaba engingahlangene nayo, amantombazane exoxa eze avumelane ngombhedo. Omunye uxoxa ngendoda entsha asanda kuyithola. Babuzane ukuthi eyakuphi, ihamba ngamotoni nokuthi isebenzaphi? Bambongele uGirl ngokuthi cha, bandla uhlabene ngoba ubhuti sengathi uzimele kahle ngasephaketheni. Iqhubeke indaba futhi usebakhombisa isithombe sikabhuti kuWhatsapp, kuvela nezingane zakhe ezintathu bezijabulele. Useyabuza omunye ukuthi hhawu unezingane kanti, aphendule uGirl athi impela unezingane. Ulandele omunye umbuzo wokuthi uphi unina wezingane ngoba zibukeka zifana zonke. Kwavela ukuthi unina ukhona.
Empeleni ubhuti ushadile futhi unezingane. Useyabuzwa untombazane ukuthi kanti uqome indoda yomfazi? Impendulo iphume iqhashe, eyokuthi usisi akanendaba nokuthi indoda ishadile. Akusho kugcwale umlomo ukuthi yena uncamela indoda eshadile kunalawa angashadile. Azibeke izizathu zakhe. Esinye kube wukuthi ungcono oshadile ngoba uyazi ukuthi umbanga nonkosikazi wakhe kuphela. Angizange ngiphendule ngoba kwakungakhulunywa nami. Kodwa usisi ngifisa ukumphendula lapha!
Uyazi ukuthi yithina bantu besifazane esidlebelekisa ukuqonywa kwamadoda ashadile, ngokwamukela ukuthi alungile wona ngoba anamakhosikazi. Ngubani okutshele ukuthi njengoba iqonywe nguwena nje azikho ezinye izintombi? Maningi amathuba okuthi wena ungoweshumi, unkosikazi wakhe ungoka-11.
Asiyekeni ukuzikhohlisa, okungicikayo wukuthi njengoba uqome indoda eshadile nje, unayo futhi enye indoda eceleni olala nayo ngaphandle kokuzivikela. Lena eshadile inyoni yamasi nje. Okusho ukuthi ulala nabo bonke! Lezi ziphukuphuku zamadoda eziqonywa zishadile, aziyingeni nhlobo indaba yekhondomu. Umuntu uqonywa yizintombi ezinhlanu alale nazo zonke bume. Aphinde ayolala nonkosikazi wakhe amthele ngokungcola okuningi kwezintombi eziyinqwaba. Ibuhlungu into eniyenzayo ngoba isho ukungawahloniphi amakhosikazi enu. Into ewumazihlonze wokuthi amadoda ashadile awagqoki emashendeni, yile nqwaba yamadoda enezingane ezigcwele zonke izinkalo. Uthole ukuthi yize umuntu eseneminyaka eshadile kodwa unenqwaba yezingane zangaphandle ebantwini besifazane abahlukene. Ngezwa isimanga koneminyaka ewu-15 eshadile, onezingane emshadweni kodwa eziyisihlanu uzithole eseshadile ebantwini abahlukene. Yimbi into eniyenzayo bandla, shame. Ningazibona njengamasoka angasile kodwa nibeka impilo yenu engcupheni. Igciwane lengculazi lisekhona, izifo zocansi zisekhona. Ngaphandle kwalokho, ngihlale ngisho, imigilingwane egilwa yilezi zintombi zenu ezinkomeni zazo iyasabeka. Lezo nkomo eningena kuzo ningagqokile zifakwa izinemfu, ziyashunqiselwa ngezinto ezinemimoya engcolile, zigcotshwa izitaputapu.
Wathi omunye uma ngimtshela lokhu, wathi eyakhe intombi ayizenzi lezo zinto ngoba ifundile futhi iyazithanda. Wayichaza njengoGlamour. Weeee bhatata! oGlamour bangcole kabi! Bahamba izinyanga benza yonke imigilingwane. Ngibazi kahle ngoba esiyingini sabangani bami, nginabo. Ungalokothi wehlulele owesifazane ngokumbuka nje, kungcoliwe lapha ngaphandle! Uma ungaziphethe kahle, okungenani gqoka!
Ngicela ukunikhuza bosisi ukuthi niwuyeke umkhuba wokuqoma amadoda ashadile. Nawe uyoshada ngelinye ilanga. Uyozaca ube ngangothi indoda oshade nayo isigijimisa izingane ezincane njengoba kwenza le ndoda oyiqomile manje ngoba usenethanga eliphuphuzela uboya nebele lakho isalibamba ligcwale isandla.
Kunina madoda, musani ukushada uma kunehlula ukuhlala nabafazi benu. Kungcono ushade usukhulile ungasezogijimisana namantombazane kunokusheshe ushade inhliziyo yakho isengaphandle. Uma kwenzekile wavukwa ubungcanga, ngiyagcizelela bandla, gqoka ijazi lomkhwenyana phela! Uvikele ingane yabantu oyishadile ngoba kunzima kuyona ukuthi noma isikubambile ukuthi ithi gqoka kuyona.