"ABANTU besifazane basalokhu besalele emuva ezintweni eziningi ngokwehlukana kweminxa yokuphila, okwenza bangakwazi ukuchuma ngendlela efanele, ngakho bayadinga ukuthi kube nezihlelo ezizokwenza bazibone besemqoka."
Usho kanje uNkk Boitumelo “Tumi” Mthembu, elandisa ngesizathu sokusungula i-Women Can, uhlelo lochungechunge lwemicimbi ayihlela ngenhloso yokuhlanganisa abesifazane. Yilapho bebhunga futhi bacebisana ngezinto okumele bazenze ukuze baphumelele empilweni, ngokwehlukana kwemikhakha yempilo abakuyo.
UNkk Mthembu (40) onamava eminyaka ewu-18 esebenza embonini yokumaketha imicimbi namaciko ehlukene, uze ufika lapho ekhona manje nje, indaba yaqala ngenkathi enza izifundo ze-Corporate Communications aziphothule e-University of Johannesburg ngo-2007.
“Emva kwalapho ngisebenze ezinkampanini ezehlukene ezibhekele ukumaketha imikhiqizo ethile, amaciko nosomabhizinisi abehlukene ngokwemikhakha abagxile kuyona. Yilapho engiqaphele khona ukuthi kukho konke lokhu abantu besifazane basalele emuva, kugqama abesilisa ezintweni eziningi. Yilokho okwenze ngafisa ukuthi kube khona engikwenzayo ukuvala lelo gebe ebelikhona,” kuchaza uNkk Mthembu.
Uqhube wathi ngenxa yokuthi ubese evele enenkampani eyenza imisebenzi yokumaketha i-Envision Brands, unqume ngonyaka odlule ukuqala i-Women Can, elawulwa ngaphansi kwenkampani yakhe. Uthi ubona izoqhubeka ibe wusizo kwabesifazane abasalela ngemuva ezintweni ezinhle abazenzayo nabazifisayo.
“Sivame ukuhlela imicimbi, sihlanganise izikhulumi zabantu besifazane abavelele emikhakheni abakuyo, okusiza ukuthi imbokodo esuke ibuthene kulowo nalowo mcimbi esiwenzile, ikhomozeke ukuhamba ezinyathelweni zalabo abasuke sebephambili ezintweni ezinhle abazenzayo,” kusho uNkk Mthembu.
“Okunye okuhle esikwenzayo kweminye yemicimbi yethu, wukuthi nakuba ingeyabesifazane, kodwa kuyenzeka sihlanganise nezikhulumi zabantu besilisa nje ukuzobhunga ngezinto ezenza kungabi bikho ukuzwana phakathi kwabantu besifazane, nabesilisa. Kusiza ekutheni kwazeke izizathu ezenza lokho ukuze kube lula ukuqhuba impilo ngendlela efanele ngoba siyadinga ezintweni eziningi ezinhle esizenzayo,” usho kanje.
Uthe inkinga okwamanje wukungabi nayo imali yokuxhasa imicimbi yabo, okuphoqa ukuthi okuningi kuphume ephaketheni lakhe ukuze kwenzeke. Nokho uthe yize kunjalo, uzoqhubeka kuze kufike ezingeni lapho engasazinzi eGoli, kuphela kepha enabele nakwezinye izindawo ngoba kuyabonakala ukuthi abantu bayayithakasela imicimbi yabo.