INDAWO enhle abahlezi kuyona kwi-log yeBetway Premiership ayibi nomthelela endleleni umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, alungiselela ngayo imidlalo.
AmaBrazilian ashaywa umoya esicongweni se-log njengoba eseqoqe amaphuzu angu-58 emidlalweni engu-22.
Iqembu eliwalandelayo yi-Orlando Pirates, esanamaphuzu angu-40 emidlalweni engu-40, abazobhekana nayo eFNB Stadium kusasa ngo-3.30 ntambama.
Leli qembu lasePitoli yilona eliphethe irekhodi lokuqoqa amaphuzu amaningi ngesizini selokhu iPremier Soccer League yasungulwa ngo-1996, eiqophe ngesizini edlule ngesikhathi ithola amaphuzu angu-73.
Uma lingayinqoba yonke imidlalo eyisishiyagalombili yeligi elisazoyidlala lingafinyelela emaphuzwini angu-82 kule sizini.
Nokho, uCardoso uthe akuyona into abayithwele ekhanda leyo njengoba begxile kakhulu ekulungiseleleni imidlalo.
“Anginaso isikhathi sokucabanga ngalokho futhi angizikhathazi nakancane ngakho. Kumele ngigxile kokwenzekayo manje, okwenzeke emdlalweni odlule, engikuthandile nengingakuthandanga kanye nendlela engizizwa ngayo ngeqembu,” usho kanje.
“Kumele silungiselele imihlangano eminingi ngakho kumele sigxile kakhulu emsebenzini esiwenzayo. Angiyibheki i-log. Angazi nokuthi ubani ozogawulwa yizembe. Ngiyawahlonipha wonke amaqembu futhi ngibheka indlela adlala ngayo uma sesizodlala nawo.
“Ngelinye ilanga ngangikhathele kakhulu, ngaphumula isikhathi esingangehora, kwathi sengibheka iwashi ngakhumbula ukuthi kusenomsebenzi omningi okufanele ngiwenze. Ngagcina ngilale ngehora lesithathu ekuseni. Kuhle ukuthi iqembu lenza kahle ngoba lokho kunginika umfutho. Ngabe kunzima kahulu ukuba akunjalo.”
AmaSandawana asenqobe imidlalo engu-19 yeligi kule sizini, adlala ngokulingana kowodwa, ahlulwa kwemibili. Yize kunjalo, uCardoso uthe kufanele bakugweme ukuzithela ngabandayo ngaphambi kwemidlalo ukuze bangalahlekelwa umgqigqo wabo.
“Ungakhubeka uma unganakile kodwa ngizolwa kakhulu ukuqinisekisa ukuthi akwenzeki lokho. Nginezingoma ezimbili engijwayele ukuzilalela ngaphambi kwemidlalo. Ngixoxele abadlali bami ukuthi komunye wemidlalo angiwulalelanga lo mculo, ngavele ngafika enkundleni ngaqhubeka nomdlalo,” kusho lo mqeqeshi.
“Iqala lapho-ke inkinga, uma usubona umdlalo njengomunye nje okufanele uwudlale, usuke endleleni ojwayele ukuzilungilelela ngayo, nezinto ezikusizayo ukuthi uphumelele.
“Ngibadonse ngendlebe ukuthi bangakuvumeli lokho kwenzeke kubona ngoba uma kungenzeka ngeke sinqobe. Uma kwenzeka kumdlali oyedwa laba abanye bangakwazi ukusivala isikhala, kodwa uma kwenzeka kwababili noma abathathu ngeke unqobe kuleli zinga. Uma seniqala ukukholelwa ekutheni ningcono kunelinye iqembu yilapho nizoqala khona ukuba ukudla kwenduku,” kuphetha yena.