UFUNA bangabe besawulahla umgqigqo ngoba sebezifake kowamanqamu koweCSA One Day Cup ukaputeni weHollywoodbets Dolphins, uPrenelan Subrayen.
IDolphins izobhekana neGoldrush Boland kowamanqamu ozoqala ngo-1pm ngeSonto eBoland Park, ePaarl.
Leli qembu elizinze eThekwini linqobe iMomentum Multiply Titans ngama-run angu-65 kowandulela owamanqamu obuseHollywoodbets Kingsmead Stadium ngoLwesithathu.
Kulo mdlalo iDolphins, lifakwe esitikini yiTitans, yahlanganisa ama-run angu-228, sekuphume abadlali abayisishiyagalombili.
Abashwibi bayo bashaye into ecokeme, bebakhipha bonke abadlali beTitans besahlanganise ama-run angu-163.
IDolphins ithole ithuba lokulwela indawo kowamanqamu ngesikhathi inikezwa amaphuzu aphucwe iDafabet Warriors, ephule imigomo yeCricket South Africa ngesikhathi lawa maqembu ebhekene ngenyanga edlule.
Kulowo mdlalo iWarriors yadlalisa abadlali ababili abamnyama kuphela ekubeni umthetho uthi kufanele babe bathathu noma ngaphezulu.
Nakuba lesi sinqumo sisuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana kodwa uSubrayen uthe abakuvumelanga lokho ukuthi kubaphazamise.
“Thina njengabadlali besigxile kakhulu ekulungiseni izinto esingazenza kangcono uma sidlala, hhayi izinqumo ezenziwa ngaphandle kwenkundla. Lokho sikushiyele abaqondene nalezo zinto,” kusho uSubrayen."
USubrayen unethemba lokuthi bazoqhubeka nomgqigqo wabo kowamanqamu neBoland, eqede esicongweni kwi-log ekupheleni kwesigaba samaqoqo, lapho inqobe khona imidlalo emihlanu, yaguqa kanye.
“Kuyiqiniso ukuthi akulula ukuya enkundleni yabo kodwa sizoqhubeka ngendlela efanayo. Into esiyithokozela kakhulu njengeqembu ukuthi sinethuba lokudlala omunye umdlalo futhi,” uqhube kanje uSubrayen.
"Okuningi kuzoncika ezimweni esizobhekana nazo kodwa ukuba khona komdlali ofana noKeshav Maharaj kuyinto esiyithokozelayo. Uyaliqinisa iqembu ekushwibeni nasekubhetheni futhi ungumholi.
"Ngicabanga ukuthi iqembu lethu likulungele ukwenza okuzodingeka emdlalweni."
Ngesikhathi lawa maqembu ebhekene ePaarl emdlalweni wamaqoqo ngenyanga edlule kwanqoba iBoland ngamawikhethi ayisithupha.
Okuzonika iqembu laseThekwini, ithemba wukuthi selinqobe imidlalo emihlanu ilandelana uma kuhlanganiswa emine yokugcina yamaqoqo nowakamuva womkhumulajezi neTitans.
IBoland yagcina ukuba ngompetha be-One Day Cup ngo-2000, kanti iDolphins igcine ngo-2021.