KUZOLEKELWA abashadile ukuze bavuselele uthando lwabo ngokubacobelela ngezindlela zokubhekana nezinkinga emshadweni kusasa eNdwedwe.
Umcimbi obizwa ngeCouples Seminar, uhlelwa yinhlangano engenzi nzuzo uThandolwethu Group. Omunye wabagqugquzeli bomcimbi uNkk Buyisiwe Luthuli, uthe baqala bengabashadikazi bengcebeleka ndawonye kepha base beqaphela ukuthi kukhona abanye abeeesala endleleni ngenxa yokudivosa.
"Sabona isidingo sokuthola abantu abazoseluleka ngokubona izinkinga eziqubuka emshadweni yize kubukeka sengathi kuhamba kahle kwabanye. Ukwenza imicimbi yabashadile kuyasiza ukuthi bavuleleke bathole nosizo ezinhlakeni ezifanele. Sigqugquzela uthando emndenini kepha konke kuqala kwabashadile," kuchaza uNkk Luthuli.
Eqhuba uthe inhlangano ebhekelele izinkinga zomshado nemindeni yiFamily and Marriage Society of South Africa, nabefundisi ababhekelele ezemishado. Umfundisi webandla Ethekwini Community Church (ECC) uVusi Dube, uzobe eyisikhulumi sosuku emcimbini. Ethintwa yiphephandaba ukuqinisekisile wathi nenqola izobe ihamba noseyili ngoba uzophelezelwa ngunkosikazi wakhe, uDkt Taki Dube.
Ephetha uNkk Luthuli uthe ukuze bakwazi ukubhekana nezindleko zokudla nokukhokhela ihholo bacela umnikelo kaR90 kumuntu ngamunye. Kulaba abashadile kodwa abangekho eduze abayeni nomakoti babo uthe bavumelekile emcimbini yize bengakukhuthazi ukuthi kusizakale oyedwa.