UMA kuxoxwa, kuye kuzwakale sengathi ngabesifazane kuphela abasebenzisa izinto ezibenza babe wuqanduqandu ocansini. Kepha akunjalo, nabesilisa bathi ngabe awuyena umuntu wesilisa uma ungakaze uphoxwe induku. Ivele ikhophozele usathi uqala umdlalo, uphoxeke kuthi mhlaba vuleka ngingene!
Bathi ukuphoxeka akuhambisani neminyaka, namabhungu ayimiqemane kuke kwenzeke nje, akhophozelelwe yinduku. Babala ukuthi ivuke kodwa itebezele nje, ingavuki nhlobo noma uthi uphakathi nenkonzo, ivele imoto ingavumi ukuhamba kucace ukuthi uphoxekile.
Baveza nokuthi uma ungumuntu wesilisa akumele uhlale ungenayo into ezokulekelela ocansini njengamaphilisi, imbiza, izinto ezidayisayo. Omunye wabesilisa uveze ukuthi kunezithelo ezitholakala ezitolo zabokufika baseChina, ezidume ngokwenza abesilisa babe wuqandunqandu ekamelweni. Lezi zithelo zitholakala lapho kutholakala khona nezabesifazane ezitolo lezi ezidume ’ngemixovo’. Ngokujwayelekile leli temu lemixovo, lisho izinto zokuvuselela imizwa yocansi nasekamelweni ukuze ubewubhememe.
Abesilisa bathi enye yezinkinga ukuhamba nomuntu sebejahe kakhulu ukuzijabulisa, bagcine beshaya udaka baze bakhale ngenyongo noma ngokushisa kakhulu kowesifazane ukugqiba ihlazo. Lezi zizathu bathi ziyabasiza ukuvikela isithunzi sabo nowesifazane azibone eshisa.
"Ngake ngagxila kakhulu ekudleni amaphilisi engiqinisa kodwa inkinga ngishaywa ikhanda. Ubumnandi usuke ungasabuzwa ususebenzela ukwanelisa umuntu okuvakashele ukuze ungatheleki ngehlazo. Uma usunonkosikazi kuba lula ngoba usuke ungabhekene nengcindezi ngoba noma kwenzekile waba iqhude, uhlaba ikhefu uphuze amanzi," kusho lo wesilisa.
"Angihlali nomuntu kodwa uma umuntu ezokuvakashela impelasonto yonke siba khona isikhala sokuthi nami ngithole okuzongilekelela. Uma esafika kuyenzeka ngizizwe ukuthi ngiyasebenza kodwa uma kuhamba izinsuku ngisuke sengiphelelwe umdlandla. Uma uzolokhu ungithinta ngigcina sengizwa ukuthi angisafuni nhlobo. Omunye uvele akutshele ukuthi akazile ukuzolala lapho usunengcindezi ngoba akafuni nokuthi umshiye endlini uyoshaywa umoya," kusho lo wesilisa.
"Kuyaphoxa kowesilisa ukuthintwa bese kubonakala ukuthi akwenzeki lutho, kubuhlungu ukuzwa ngesandla sikuphuthaza uvele ube nolaka. Omunye umuntu wesifazane uyakwazi ukufihla ihlazo lakho kodwa inhliziyo isuke ibuhlungu ngoba uyayazi inkinga obhekene nayo. Ucansi luyaphoxa ngoba yonke into isengqondweni nemizwa isebenza ngayo. Ngesikhathi unezinkinga ayibe isavuka induku ngize ngikhalele emaphilisini. Akumele uhlale ungenayo into yokuvuselela imizwa," kusho lo wesilisa
Owesilisa (64) uveze ukuthi ungomunye wabasebenzisa imishanguzo yodokotela ngenxa yokuhlushwa umfutho wegazi (BP) futhi ukholwa ukuthi kugcina kumbangela izinkinga ekamelweni. Lo wesilisa uthe ufisa sengathi amaphilisi angahambisana namakhambi esintu. "Mina ngiyakholelwa kwimbiza ngoba iyangisiza ngihlale ngiwuqanduqandu ekamelweni. Ngelinye ilanga ngavele ngaba wuhlanya kowesifazane ngamtshela ngamaphilisi engiwadlayo, wathi yingakho nginenduku enezinkinga. Ngaqala lapho ukubona ukuthi ngeke kungisize ukusebenzisa wona kuphela ngoba yayivele ikhona inkinga yokuvilapha kwenduku. Sengiphila ngayo imbiza namaphilisi angiwayekile ngoba ayangisiza ngendlela yawo," kusho lo wesilisa
Laba besilisa bavumelene ngazwi linye ukuthi kuzona zonke izinkinga ababhekana nazo kodwa iyehla ingcindezi uma bekhothwa induku. Lokhu bathi kuyayilekelela induku ivuke ngamandla.
Ungoti kwezocansi uDkt Nomcebo Mthembu, uyazigxeka izinto ezifana namaphilisi nokunye okusetshenziswa ngabesilisa ukuze bakhuthale uma sebeya ocansini.
’’Lezi zikhuthazi, zisebenza impela kodwa ziphinde zibe yizikhathazi. Akumele umzimba uwujwayeze ukuthi kumele usizwe ngamaphilisi. Umzimba uyadikibala ucabange ukuthi wona kumele usizwe ukuze uvuse induku. Into ebalulekile wukuthi uhlale uwuhlanza umzimba wakho futhi uwunyakazise ukuze yonke into ihlale ihamba kahle,“ kweluleks uDkt Mthembu.
Uthe kujwayelekile ukuthi abesilisa ukuthi bazizwe bephelele futhi beyizikhokho ngokuhlanyisa owesifazane ocansini. Yingakho kuba nokhwantalala olwenza bafune ukusebenzisa noma yini okuthiwa izobenza babewuqanduqandu ocansini.
Eqhuba uthe zikhona izinto ezitolo ezingabasiza zibanike umdlandla kunokusebenzisa ezingahloliwe. Ubale amadumbe, iGreen tea neSpinach njengokudla okumele abesilisa bangahambeli kude nakho ngoba kwenza igazi ligeleze kahle ebese nenduku iyakhuthazeka.
“Akumele ukhathazeke kuze kweqe uma kwenzekile yakhophoza induku, lento iyenzeka kunoma ngubani. Ayisho ukuthi uyisehluleki ocansini kodwa phela ucansi luhambisana nokuthi kwenzekani empilweni yakho ngaleso sikhathi. Mhlawumbe kunokukhathazeka onakho, ngeke ke uma ukhathazekile kuhambe kahle ocansini,” usho kanje.
Ugcizelele nokuthi abesilisa abaqinise nasezindleleni zakudala zokuhlanza umzimba, bayeke ukubhema nokuphuza ngokwedlulele ukuze bangabi nezinkinga ocansini.