IMOTO: VOLKSWAGEN TAIGO
IVOLKSWAGEN ifuna ukuqhubeka nokukhonya esigabeni sezimoto ezincane esibizwa nge-A0, lapho izidlela khona amahlanga uma iqhathaniswa nezimbangi.
Kulesi sigaba yilapho ufica khona izimoto iPolo Vivo nePolo okuyizimoto ezibalwa nezidayisa kakhulu zinyanga zonke.
Kusona lesi sigaba kubuye kube namaSUV iT-Cross neT-Roc. Nakhona lezi zimoto zibalwa nezidayisa kakhulu uma uziqhathanisa nezimbangi zazo.
Empeleni iTaigo engizokuchazela ngayo ngezansi, ingena phakathi kwazo zombili iT-Cross neT-Roc.
IT-Cross ifike yaba yintandokazi ngesikhathi izobangisa izimoto iFord EcoSport nezinye. ITaigo ngakolunye uhlangothi, uvele ungazi kahlehle imbangi yayo eqondile ngoba izishaya sa-coupè nokhakhayi oluyisibaca ngemuva. Ungayifanisa nePolo GTI engasenantanga kuleli. Ngokwentengo kodwa zikhona iPeugeot 2008, Toyota C-HR nezinye.
Ukhakhayi aluyona kuphela into oluyenza yehluke kuneT-Cross eyelamayo. Uma uthi nhla phezulu uzoqaphela ukuthi yona uyakwazi ukuyifaka i-sunroof njengakule esihamba ngayo, okuyinto engenzeki kwiT-Cross.
Lokhu kungenye yezinto eziheha ngayo ngale kombala obomvu obizwa ngeKings Red metallic.
Ngaphambili ikhanyisa ngamalambu abizwa ngama-IQ.Light LED matrix headlights afika nayo ngale kokwengeza imali. Uma uyibuka ngohlangothi uyakubona ukuphakama kwayo bese iba namarimu angu-17 inch.
Ngemuva amalambu nakhona angamaLED ahlangana ophawini lwakaVW phakathi nendawo. Ngezansi ine-chrome lapho ongazitshela ukuthi kunezinqawe khona kanti azikho kuvalekile. Inqawe iyodwa ingaphansi.
Ngaphakathi uma uke wabona izimoto zakamuva zakwaVW, ikakhulukazi iPolo, ngeke ikudide. Izihlalo ngaphambili ziyakwazi ukufudumala. Bekungaba kuhle nokuthi ukuzihlela kwenziwa ngogesi.
Umshayeli ngeke angayitholi indawo ekahle yokuhlala ngoba isihlalo siyehla noma siphakame kanjalo nesiteringi siyehla noma siphakame, okanye usisondeze kuwe.
Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system ebheke ngakumshayeli futhi kuhle ngoba inkinobho yokunyusa umsindo isekhona okwenza kube lula.
Uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, uma uhlehla ingemuva ulibona khona nokunye. Abaculi bakhipha umculo omusha njengoba kubhekwe kuDisemba futhi ingoma uyizwa kahle ezipikheni ezengeziwe zeBeats.
Uma uthi nhla phezu kwesiteringi kune-digital instrument cluster efika nayo.
Ngemuva isikhala ngingacishe ngisifanise nakwiPolo kodwa okuhle wukuthi kunezimbobo ezimbili zokushaja. Lapho ekahle khona yisebhuthini ngoba isikhala sikhulu singu-440 litres okuyinto enkulu kuneT-Cross engaphansi kancane kweT-Roc.
Injini ngejwayelekile emndenini engu-1.0 TSI enamandla angu-85kW ne-torque engu-200Nm. Isebenzisa i-gearbox eyi-7-speed DSG. Bathi idla amalitha angu-5.4 ngo-100km. Kimi ibidla angu-8.3 futhi isikhathi esiningi ngisichithe ngihambe edolobheni.
Ukuphakama kwayo kwenza umgwaqo uwubone kahle futhi nasemabhampini ayizweli kakhulu nangaphakathi ithule.
Ubuchwepheshe bezokuphepha benza ukuthi ukhululeke noma uhamba ngayo.
Uyakwazi ukuzijikisa isiteringi ihlale emzileni, ihamba ngebanga olihlelile inciphise iphinde ibhreke uma kunesidingo nokunye.
Ifika nokuningi kodwa uma usazokwengeza okunye intengo igcina isiba phezulu.
Intengo:
Volkswagen Taigo 1.0 TSI R-Line DSG® - R486 000
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.