IMOTO: BMW X1 sDrive 18d
Sengiyaqonda ukuthi kungani uzakwethu oyintatheli yezezimoto ubezama ukuchitha amaholidi ePhasika evivinya iBMW X1 entsha.
Inhlanhla iwele ngakimi ukhiye wayo waba sezandleni zami. Izinga linyuke kakhulu kuyo futhi kuningi okuthandeka ngayo.
IBMW X1 ekhona manje ngeyesithathu kwazise yaqala ukwakhiwa ngo-2009.
Esiyivivinyayo yi-sDrive 18d njengoba izinhlobo zihlukene kabili nje. Enye yi-sDrive 18i enenjini engu-1.5 litre kaphethroli.
I-sDrive 18d inenjini engu-2.0 litre kadizili. Yiyo engingathi uma usufunde konke ngale moto ngezansi wayithanda ukhethe enayo. Inamandla angu-110kW netorque engu-360Nm. Amandla iwathumela emasondweni angaphambili ngogearbox oyi-seven-speed Steptronic. Bathi isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-8.9 futhi ijubane ligcina ku-210km/h.
Okwenza ngiyituse le njini wukuthi akukho nakancane lapho amandla engizwe eshoda khona. Iwathumela kamnandi emasondweni futhi okuhle kakhulu ngayo wukonga kwayo.
I-iX1 ehamba ngogesi ngeyokuhamba edolobheni elikhulu lapho kunezindawo zokushaja khona yingakho ekadizili kuyiyo engiyibona ikahle. KwaBMW bathi idla amalitha angu-5.0 ngo-100km kodwa kimi ihambe iku-5.7l/100km nokuyinto enhle.
Ethangini eligcwele elingu-54 litres, ngihambe u-933.2km yathi isengahamba u-13km ngaphambi kokuthi ithangi lome.
Ngeke uhambe ibanga elifanayo kunaleyo kaphethroli njengoba yize inethangi elilinganayo, bathi idla 6.5l/100km.
Kulo-900km engiwuhambile ubuhlanganisa yonke inhlobo yemigwaqo ngisho nobhuqu lwaseNjampela, KwaNongoma. Yize beyigaxe amarimu angu-19 inch (owafaka uma uthanda njengoba ifika no-18 inch) ibizama ukuthi kungazweli kakhulu kubagibeli.
Nasemajikeni aseMayiwane nakoNdundulu ibibambelela kahle kungazweli ukuthi yimoto esithe ukuba nkulu futhi ithe ukulishiya negabade.
Kuke kwakhona ohamba ngezinyawo ongena ngasemgwaqeni ngayizwa ingixwayisa futhi isho nokubamba amabhreki. Lokhu kungezinye zezokuphepha ezifakwe kuyo. Noma usupaka inamakhamera aveza umzimba wonke futhi iyakusiza uma upaka noma usuphuma lapho upake khona.
Ubukhulu bayo ububona ngaphandle ngegrille yayo eyenza igqame ngaphambili. Empeleni uma uyibukela kude ungazazi kahle izimoto ungaze uyiphambanise neX3.
Amalambu abawafakile angamaLED akhanya kahle ebusuku. Ayazikhanyisa kakhulu aphinde azinciphise uma kunemoto ephambi kwayo.
Noma ungena ngaphakathi inkulu. Iwheelbase isiyinde ingu-2 692mm. Inkulu kuneyeLexus UX engu-2 640mm kodwa ingaphansi kuneyeVolvo XC40 engu-2 702mm.
Ukuvuleka kwayo kwenza isikhala sabagibeli abahlanu sibe khona kanjalo nempahla. Ibhuthi ingu-540 litres futhi uma izihlalo zangemuva uzilalisile sanda sibe ngu-1 600 litres.
Izihlalo lezi ziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi.
Ngaphambili ineBMW Curved Display okuyitouchscreen engu-10.7 inch kanjalo ne-information display engu-10.25 inch.
Ubukhona bayo kwenze kwaphela ngamabhathini. Ngaphambili mabili kuphela amabhathini akhona – elokususa inkungu ewindini ngaphambili nelokuyisusa ngemuva.
Konke ukwenza kwitouchsreen. I-aircon (enomsindo uma uyidumisa kuba ngcono uma uyibeke ekuqaleni kodwa ibuye ingazwakali khona) oyihlela khona, ubona inkombandlela, Apple CarPlay, umculo okhala ezipikheni zeHarman Kardon, imininingwane ngemoto nokunye.
Kuyajwayeleka ukwenza yonke into kwiscreen okungajwayeleki wukungcola kwaso ngenxa yokuthintwa njalo kwazise ayikho ne-iDrive Controller.
Kukhona nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo nezokushaja nge-USB type C, panoramic sunroof, ambient lighting neHead-Up Display. Ezinye zezinto kumele uzengezele imali uma uzifuna.
Igiya elincane liphakeme lisendaweni yokuphumuza ingalo ephakeme. Isikhala sincane phakathi kwalapho ubeka khona ingalo ungafaka imali ngoba iselula ayingeni kodwa sikhulu ngaphansi kwayo.
Ngaphandle nangaphakathi yinhle futhi ihamba kamnandi emgwaqeni ngenjini eyongayo.
Intengo:
BMW X1 sDrive18d xLine - R800 000