IMBONI ekhiqiza izimoto eNingizimu Afrika iklama indima ebalulekile emnothweni wakuleli njengoba kungena imali enhle ngayo kwazise eziningi zidayiswa ngaphandle kwezwe.
Izinkampani ezinkulu ezikhiqiza kuleli yiBMW Group South Africa, Nissan South Africa, Ford South Africa, Toyota South Africa Motors, Isuzu Motors South Africa, Mercedes-Benz South Africa neVolkswagen Group Africa.
Ngokocwaningo kuvela ukuthi u-12.5% wayo yonke imikhiqizo yakuleli edayiswa kwamanye amazwe yizimoto.
Enye yezinkampani eziseqhulwini iBMW ekhiqiza ama-X3 bese u-97% walowo mkhiqizo udayiswe ngaphandle kwakuleli.
Ifemu yayo, iPlant Rosslyn, ePitoli, yakhiqiza izimoto ezehlukene eyakamuva kwaba yi-3 Series. Lokho kushintshile ngo-2018 kuqala kwakhiwa inhlobo yesithathu ye-X3.
Kuleli sonto bavule iminyango kwabezindaba ukuthi babone umsebenzi osuwenziwe kulandela ukutshalwa kuka-R4.2 billion ngo-2023 kulungiselelwa ukwakhiwa kwe-X3 entsha okuqale ngo-Okthoba wonyaka odlule.
Le femu ingenye yamathathu emhlabeni akha i-X3 amanye okungawaseChina nase-United States of America. Le nkampani iveze ukuthi iyona yodwa ekhiqiza eyi-plug-in hybrid (PHEV) edayiswa emhlabeni jikelele.
“Ukukhiqiza izinhlobo ezingama-PHEV nezinezinjini elayinini owodwa kukhombisa ukukwazi ukuguquka kwePlant Rosslyn nokusivumela ukuthi sikwazi ukumelana nezidingo zezimakethe zomhlaba,” kusho u-Ernest Kohlmeyer oyiGeneral Manager of Quality kwaBMW Group South Africa.
Kuvele ukuthi kusuka ngoJanuwari 8, banyuse izikhathi zokusebenza njengoba kukhona abangena ekuseni, abangena emini bese kuba nabangena ebusuku. Ngonyaka kukhiqizwa ezilinganiselwa ku-77 000.
Izinhlobo zama-X3 ezakhiwayo kukhona kuzo i-30e xDrive, X3 20 petrol ne-20d diesel okuqale ngenyanga eyedlule ukuthi zakhiwe.
NgoMeyi, kuzokwengezwa ezinye izinhlobo okuyi-X3 40d xDrive ezokwakhiwa kule femu kuphela.