IMOTO: FORD RANGER TREMOR
Ngendlela amaFord Ranger emaningi ngayo ungagcina usudideka uma ungena egaraji ukuthi iyiphi ozoyithatha.
Muva nje kwengezwe izinhlobo ezimbili okuyiTremor nePlatinum zombili ezingama-double cab.
ITremor yiyo esithole ithuba lokuyizwa amandla.
Angikutshele zisuka nje ukuthi uma uzoyithatha ngoba uyibona sengathi yinhle uzozisola ngoba ayikho ntofontofo emgwaqweni.
Uma uwumuntu othanda iveni entofontofo, kungcono uthenge iXLT esuselwe kuyo noma ubheke ezinye izinhlobo zamaRanger.
Phela iTremor yakhelwe ukuthi ihambe kahle obhuqwini nokuqwala izintaba. Lokhu bakwenze ngokuthi bayenyuse i-ground clearance ngo- 24mm nokuyinto oyizwayo ngisho ungena ukuthi nakanjani isitebhisi kumele usisebenzise ngoba iphakeme.
Ne-suspension ngokunjalo bayishintshile bafaka amaBilstein Position Sensitive Dampers nokuyingakho ithe ukuqina emgwaqweni. Empeleni ngithe ngingakahambi nebanga elitheni emqondweni ngafikelwa yiToyota Hilux GR Sport ecishe iqine njengayo.
Uma ungena obhuqwini nokho yilapho efike ibe sekhaya khona. Ngiyifake esimobeni ngaseBallito ngayizwa ikhululekile nokuqina ngakukhohlwa nya ngimangazwa yindlela ebihamba ngayo.
Iyabambelela futhi nangesikhathi ngizama ukunyusa isivinini ibinamathele obhuqwini kungekho ukutshikiza kwesikhenke njengoba kwenzeka kwamanye uma ugibele ematsheni noma ujika ngesivinini.
Okunye okusizayo ngamathayi abawafakile okungamaGeneral Grabber AT3 anamarimu angu-17 inch. Engikuthandile futhi ngawo wukuthi awanamsindo etiyeleni. Nasemanjikeni bengivele ngiyifake ku-4A bese idonsa ngawo wonke ibambelele kangcono.
Ngaphandle kokuphakama, ukushintshwa kwe-suspension nokufakwa kwamathayi amelana nobhuqu, ziningi nezinye izinsiza ezikhona ezenza umsebenzi ube lula, ezinye ozitholayo kwamanye amaRanger.
Lapha ngibala amakhamera aveza umzimba ukuze ubone kahle ngaphandle, hill descend control, diff lock, Trail Control nokunye. Kuphinde kube neTrail Turn Assist evele ibophe isondo langemuva lalapho ujikela khona nokusiza ukuthi ijike eduze.
IRanger Tremor le bayifake inenjini engu-2.0 l Bi-Turbo enamandla angu-154kW ne-torque engu-500Nm futhi idonsa ngawo womane amasondo njengakwi-Wildtrak X. U-gearbox uyi-10 speed auto.
Kudizili ibidla amalitha angu-10.2 ngo-100km.
Ngaphandle ishaya nge-grille emnyama eyenza ihluke kwiXLT esuselwe kuyo. Ngaphakathi ine-touchscreen infotainment system enkudlwana engu-12 inch. Iveza neselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay ne-Android Auto.
Kuphinde kube nezihlalo zesikhumba. Eziqoshwe uTremor.
Intengo:
Ranger Tremor Double Cab 2.0L BiT 4WD 10AT - R977 500
Zombili zifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, Roadside Assistance yeminyaka emine ne-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.