IMOTO: LEXUS NX450h+ PHEV
I-NX ithengwa kakhulu kumaSUV akwaLexus South Africa kusuka yaqala ukudayiswa kuleli ngo-2015.
Ngokusho kwale nkampani, phakathi kuka-2015 no-2023, u-42% wamaSUV (Sport Utility Vehicle) owadayisile kube yiNX.
I-NX yiyona ephakathi njengoba kuqala i-UX, kube yiyo, RX bese kuba neLX.
Le SUV encintisana neBMW X3, Audi Q5, Alfa Romeo Stelvio neMercedes-Benz GLC kwandiswe izinhlobo zayo ukuze abathengi bazikhethele abayifunayo.
Kulethwe i-450h+ Plug-in hybrid electric vehicle (PHEV) ezobhekana ngqo neVolvo XC60 Recharge nayo eyiPHEV.
I-NX 450h+ inenjini kaphethroli engu-2.5 litre. Ihlanganiswe nekagesi webhethri ukukhipha amandla angu-227kW ne-torque engu-227Nm no-gearbox ozishintshayo.
Ibhethri abalifake kuyo lingu-18.1 kWh futhi bathi uma lishajwe lagcwala ungahamba 66.5km ngogesi wodwa ingawuthinti uphethroli. Lokhu ngibona kuyinto ekahle ikakhulukazi uma ungahlali kude nalapho usebenzela khona noma nasezindaweni ojwayele ukuzihambela. Liphinde lisize ukonga uphethroli njengoba bethi idla 1.3l/100km.
Ibhethri kulithatha amahora ayisishiyagalombili ukulishaja ngogesi ojwayelekile wasendlini nokuyinto ongathi uvuka ekuseni ibe isifezekile.
Kumashaja angu-32-amp kuthatha angu-2.5. KwaLexus bathi ayifiki ne-wallbox oyifaka kwakho ukuze ishaje ngokushesha kodwa uyakwazi ukuyithenga ngentengo engeqile ku-R20 000.
Emgwaqweni ihamba buthule futhi uyakwazi ukuyenza ihambe ngebhethri lodwa okanye ikusebenzise kokubili ngokuthanda kwayo. Kukhona no-charge mode owenza ugesi okwibhethri ungathinteki
Kuphinde kube namaDrive Mode ahlukene okukhona kuwo u-Normal, Eco, Sport S noSport+ oshintsha indlela i-suspension, isiteringi ne-accelerator okuzwakala ngayo ukuze ibe sporty.
Nasemakhoneni uya ngokuzethemba njengoba idonsa ngawo womane amasondo anamarimu angu-20 inch.
Amarimu angu-20 inch, ngenye yezinto ezihambisana nokuba yiF Sport. Iphinde ibe ne-grille enkulu ngaphambili eyenza igqame futhi omunye wemibala yawo ngoluhlaza okwesibhakabhaka obizwa ngoPoseidon Blue okungoweF Sport.
Ngaphakathi izinga liphezulu. Ine-digital instrument cluster enkulu engu-14 inch. Iveza i-Apple CarPlay/Android Auto, inkombandlela nokunye. Izipikha akuzona eze Mark Levinson njengakwezinye izinhlobo kodwa yinto abathi izolunga ngokuhamba kwesikhathi. Okhakhayini kune-sunroof.
Izihlalo ngaphakathi ziyisikhumba futhi ziyabanda kuphela kodwa bathembisa ukuthi kuzoza enezikwazi ukufudumala.
Okunye enakho yiHeads-Up Display, uyakwazi ukuyishintsha indlela ekhanya ngayo ngaphakathi futhi ivuleke kahle.
Kwezokuphepha ineLexus Safety System+ 3.0 ehlanganisa i-Dynamic Radar Cruise Control (DRCC), iyasho uma iphuma emzileni futhi uma uthi uvula isicabha kukhona oqhamuka ngemuva ayikuvumeli.
Iphinde ibe ne-Intelligent Park Assist esiza ukungena nokuphuma endaweni yokupaka. Kuba wukuyitshela ukuthi ungena noma uphuma kuphi ngokushaya i-indicator bese izenzela konke okuhlanganisa ukuzijikisa isiteringi, ukufaka igiya, uku-accelerator nokubhreka.
Intengo:
Lexus NX 450h+ - R 1, 336 200
Ifika ne-warranty ye-maintenance plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km. Iphinde ibe ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-195 000km.