OWAYENGUKAPUTENI weBafana Bafana, uLucas Radebe usesebenzisana nabakwaVolkswagen ukuthukisa abantu abasha bakuleli.
ULucas usanda kuqokwa ukuba yinxusa lakwaVW ukuqhuba izinhlelo zokuthuthukisa intsha i-VW Train 4 Life, ezingaphansi kwale nkampani yezimoto.
NgokwabakwaVW, inhloso yohlelo ukuthuthukisa abafana namantombazane emkhakheni webhola lezinyawo namakhono. Omunye umsebenzi ozokwenziwa nguLucas Radebe wukuqinisekisa ukuthi intsha iphila indlela eqondile okuyinto ebekwe eqhulwini abakwaVW.
Ezibongela uLucas Radebe uthe, uyathobeka kakhulu ukuba yingxenye yomndeni wakwaVW nokuba yingxenye yohlelo lwale nkampani ukuthuthukisa abantu abasha. Uthe ukuthuthukisa intsha ngenye yezinto ayithanda kakhulu. Uqhube wathi ngokusebenzisana neVW kuningi abazokwenza kube yimpumelelo ukuthuthukisa intsha nokukhiqiza abagijimi bakusasa abazokwenza ushintsho emiphakathini abavela kuyona.
Oyinhloko kwezokukhangisa kwaVW uBridget Harpur, uthe bazizwa bejabule ukwamukela uLucas Radebe njengenxusa labo kwaVW. Uthe ubuholi bukaLucas Radebe, ukubekezela nentuthuko kuyahambisana nenqubo yakwaVW ngenhloso yokuyisa abantu phambili nokweseka umphakathi.
ULucas unikezwe iVolkswagen Tiguan entsha okuyindlela yokumamukela nokusebenzisana kwabo.
UHarpur uthe ngokusebenzisana kwabo noLucas Radebe bazokwenza ushintsho emphakathini.