Ukuqala konyaka omusha kusho ukutheleka kwezinto ezintsha nokuyinto ebhekwe ngabomvu ngabathandi bezimoto njengoba ziningi ezizayo.
Izinkampani ezahlukene zikuqinisekisile ezinyangeni ezedlule ukuthi yiziphi izimoto ezizozethula emakethe yaseNingizimu Afrika ngo-2024.
Phakathi kwezimoto okulindeleke ukuthi zitheleke kulo nyaka kubalwa kuzo ezakwaRenault ezithuthukisiwe okuyiTriber, Kiger, Clio neCaptur. Kusabhekwa ukuthi bazokwazi yini nokwethula iDuster entsha, baqale nge-4x4.
KwaFord bazoba nonyaka omatasatasa njengoba bezokwethula iSUV iTerritory entsha, ibhasi iTourneo Custom, Transit Custom, iMustang entsha, Ranger Tremor neRanger Platinum.
KwaToyota South Africa Motors bazoqinisekisa ngesonto elizayo izimoto ezizayo kodwa kunemibiko ethi iHilux GR Sport II ethuthukisiwe isendleleni kanjalo neLand Cruiser Prado entsha.
KwaVolkswagen South Africa kulindeleke ukuthi bethule iT-Cross ethuthukisiwe nengqovungqovu iTouareg. Enye ezayo yiTiguan entsha sha.
Sesifikile isitokwe sokuqala echwebeni laseThekwini seVolvo EX30 ehamba ngogesi ezokwethulwa kulo nyaka.
KwaBMW South Africa bazokwethula izimoto okubalwa kuzo iMini Countryman entsha, Mini Cooper neBMW X2.
Ezinye ezizayo kubalwa iSUV entsha iJaecoo J7, Suzuki Swift nezinye.