KUZOBE kuduma umsindo wezinqawe kunuka nethayi emncintiswaneni iZwartkops Top of the Hill Challenge enkundleni yezimoto zomjaho iZwartkops, ePitoli, ngoMgqibelo, lapho kuzobe kuncintisana khona abashayeli abehlukene, okubalwa nentatheli yeSolezwe Ngempelasonto.
IVolkswagen Motorsport izobe igadla ngezimoto eziyisishiyagalolunye ezizobe ziholwa wumshayeli wayo uJonathan Mogotsi.
Inhloko yeVolkswagen Motorsport, uMike Rowe, uthe iZwartkops Top of the Hill Challenge wumncintiswano lapho abashayeli bekhuphuka khona intaba engu-2000m, beqala ejikeni lesine behamba inkundla beyiphendukezele, badlule ejikeni lesihlanu beyoqeda.
Uthe bathanda ukubonga abahleli ngokufaka isigaba sabashayeli beRookie Cup abane. Laba bashayeli bazohlangana nezintatheli zezimoto ezine bonke abazobe behamba ngamaPolo Vivo GT akwaVolkswagen Motorsport, nokusho ukuthi kuzobe kuyizimoto eziyisishiyagalombili.
“Abashayeli abasengamathwasa bazotomula inombolo esigqokweni ngemuva kokuzivivinya bese bebambisana naleyo ntatheli emncintiswaneni.
Izintatheli ezizobe zincintisana nguFanelesibonge Bengu weSolezwe Ngempelasonto, Brendon Staniforth weMaroela Media, Rebaneilwe Semakane weReba S on Cars noJacob Moshokoa we-cars.co.za
Umjaho uzosakazwa bukhoma kwi-Youtube kusuka ngo-9 ekuseni ekhasini le 2WheelsTV kule link: https://www.youtube.com/live/qCS5BVzqgP8?si=vAx8Ocu7SM8KZ9A6