IMOTO: VOLKSWAGEN TIGUAN
Isithuliwe iVolkswagen Tiguan entsha yesithathu esigabe ngenqwaba yobuchwepheshe obusha nenjini entsha.
ITiguan iyingeyesithathu kanti yaqala ukudayisa ngo-2007. Ingenye yezimoto eziyintandokazi kwaVW ngoba kudayiswe angaphezu kuka-7.6 million emhlabeni jikelele.
Ekhona njengamanje ifike kuleli ngo-2006, nokuthe ngo-2021 kwalethwa ethuthukisiwe.
Akukacaci ukuthi iVW Tiguan entsha izofika nini eNingizimu Afrika kodwa kwamanye amazwe kulindeleke ukuthi iqale ukudayisa ngekota yokuqala ka-2024.
Kuthiwa yakhiwe phezu kwesisekelo esisha esibizwa ngeModular Transverse Matrix (MQB evo) esenza kube lula ukuyifaka ubuchwepheshe obusha.
Okunye kwakho yizinhlobo zezinjini okukhona ezikadizili (TDI), ezikaphethroli (TSI), ezikaphethroli ezine mild hybrid (eTSI), neyiplug-in hybrid (eHybrid) futhi zonke zinogearbox ozishintshayo oyiDSG.
Eyiplug-in hybrid kuthiwa izokwazi ukuhamba ibanga elifika ku-100km ngogesi kuphela nokuzoyenza yonge kakhulu.
Ngaphakathi iTiguan inedigital cockpit, iscreen se-infotainment system esikhulu esingu-38 centimetres (15 inches), izihlalo ezikumasajayo ngaphambili okuthathwe kwiTouareg. Kuphinde kube nama-IQ.Light HD matrix headlight nawo asuka kwiTouareg.
Ubuchwepheshe bezokuphepha buhlanganisa ukuthi izifake iphinde futhi izikhiphe ezindaweni zokupaka. Okunye ukuthi ibhreke uma izoshayisa, ikusize ekutheni uhlale emzileni uma ushayela, nokunye.
Ngaphakathi inkudlwana kunendala futhi nesikhala sebhuthi sinyuke ngo-37 litha saba ngu-652 litha.