IMOTO: HYUNDAI TUCSON N LINE AWD
Ngesikhathi iHyundai iTucson entsha yethulwa ngoMashi wonyaka odlule kwafika izinhlobo ezine nokuyinto esishintshile ngokwengezwa kwenye iN Line.
UTucson N Line sekuyiyo engumakhonya umaTucson ngoba ingena ngaphezu kwe-Elite ebiphezulu phambilini.
Abakwenzile kwaHyundai wukuthi bathathe i-Elite bayishuna ngokuyishintsha ezindaweni ezithile kwaba khona futhi nabakwengezayo.
IN Line ngingayifanisa neTucson Sport eyaqala ufika ngo-2017 ibukeka ngendlela ehlukile kunamanye amaTucson futhi inezinqawe ezine ngemuva.
KwaHyundai banethemba ngokuthi ukwethulwa kweN Line kuzonyusa amakhasimende njengoba nokushoda kwesitokwe sekuqala ukuba yinto engumlando.
ITucson incintisana nezimoto okubalwa kuzo iHaval H6, VW Tiguan, Mazda CX-5, Toyota Rav4, BMW X1 nezinye.
Bayishintshe igrille ngaphambili, yiskid plate ezansi kanjalo namarimu amnyama angu-19 inch. Ngemuva ubhampa uhlukile kune-Elite nezinqawe.
Okuhle abakwenzile wukuthi ibhuthi (enesikhala esingu-539 litres) isivuleka ngogesi nokuyinto ebimangaza kwi-Elite ukuthi isavulwa ngesandla.
Ngaphakathi inezihlalo ezihlukile ezihlanganisa isikhumba nesuede. Iphinde ibe nezitishi ezibomvu namapedals ashintshile.
Ngale kwalokho inezinto okubalwa kuzo itouchscreen infotainement system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, panoramic sunroof, izihlalo ezishisayo ziphinde zibande ngaphambili nokunye.
Inenqwaba yezokuphepha okukhona kuzo ukuthi isho uma kunemoto eseceleni, iyabhreka uma izoshayisa ngaphambili, iyazijikisa ukuhlala emzileni, inesmart cruise control, iyasho uma umshayeli esekhathele nokunye.
Andisiwe amaHyundai Tucson ngeN-Line engena ngaphezu kwe-Elite. Ihluke ngobhampa, amarimu, yafakwa ibhuthi evuleka ngogesi nokunye. Injini iyafana ne-Elite yi-2.0 kadizili enamandla angu-137kW futhi idonsa ngawo wonke amasondo. Ibiza uR799 900 @IsolezweNews pic.twitter.com/YhkC6bJpCz
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) May 29, 2023
Injini isafana, yi-2.0 litre turbodiesel enamandla angu-137kW netorque engu-416Nm. Ugearbox uyi-8 speed automatic. Okushintshile wukuthi idonsa ngawo womane amasondo nokusiza indlela ebambelela ngayo.
Kudizili bathi idla amalitha angu-7.4 ngo-100km.
Intengo:
Hyundai Tucson N Line AWD – R799 900
Ifia neservice plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km.