KUBUKEKA kuzophela ukuphefumula obekutholwa ngabashayeli ngokwehla kwentengo kaphethroli ngasekupheleni konyaka odlule, njengoba izinkomba ziveza ukuthi izokwenyuka futhi ngenyanga ezayo.
Ngokwemininingwane yakamuva ye-Central Energy Fund, kuvela ukuthi intengo kaphethroli izonyuka ngo-64 cents ilitha lika-95 Unleaded no-68 cents u-93 Unleaded. Intengo kadizili yona kuvela ukuthi izonyuka ngo-80 cents (500ppm) no-70 cents (50ppm).
Yize ngo-Okthoba nyakenye, intengo kaphethroli nekadizili ibiphansi ngendlela eyagcina ukubonakala ngoFebhuwari 2022, izinyanga ezintathu ezilandele lapho, ekaphethroli inyuke ngo-54 cents kwathi ekadizili yakhuphuka ngo-82 cents ilitha.
Uma kwenzeka lokhu kunyuka kugcina kwenzeka, ilitha lika-95 Unleaded lizoba wu-R21,44 ezindaweni ezigudle ulwandle kuthi kwezimaphakathi nezwe libe ngu-R22,23. U-93 Unleaded wona uzobiza uR22,02.
Njengoba inyanga isephansi, kusengenzeka lezi zinkomba ziguquke.