UPHELELISIWE umndeni wamaloli akwaHino South Africa ngokwethulwa kwathutha impahla esindayo i-700 Series.
Ingenisa nje le loli akhona amaloli akwayo, okuyi-200 ne-300 Series aphakathi nendawo nelikhulu i-500 Series.
Isikhulu sakwaHino kuleli, u-Anton Falck sithe i-700 Series ibalulekile hhayi kubo kuphela kodwa kuyo yonke imboni yezokuthutha ngamaloli eNingizimu Afrika.
“Besingekho esigabeni samaloli amakhulu isikhathi eside ekubeni iyakhula. Kusuka kuqale unyaka kuze kube yimanje isikhule ngo-20% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Sikholwa wukuthi esikuletha emkethe manje kuzofaka isandla ekuthutheni izimpahla kuleli,” kusho uFalck.
I-700 Series iqale ukwethulwa kuleli ngo-2004 ngaphambi kokuthi ithuthukiswe ngo-2019.
Eyethuliwe yintsha kusuka phansi kuya phezulu futhi bayiqinise kakhulu kwezokuphepha.
Okokuqala abakuthuthukisile yisihlalo somshayeli nendlela ibhande elifaswa ngayo. Bathi phambilini belibalimaza abashayeli abafishane ngenxa yokuthi belixhunywe emotweni kodwa ngoba selisesihlalweni, bonke abashayeli alibaphazamisi.
Isihlalo sakhona sintofontofo, sinjalo njengoba sine-air suspension.
Ukufothozela kwesihlalo bathi kugwema ukuthi umshayeli akhathale futhi kwenza ashayele kangcono.
Phakathi kobuchwepheshe obufakiwe kubalwa ukuthi isho uma ixwayise umshayeli uma izoshayisa futhi ibhreke.
Okunye wukuthi isho uma iphuma emzileni, ize ibange nomsindo ezipikheni, iyasho uma isilokhu ijikajika emgwaqweni, inekhamera egade umshayeli ukuthi ukusiphi isimo nokuthi unakile yini emgwaqweni, ine-Adaptive Cruise Control, ama-airbag, anti-lock brakes nokunye.
Iyiloli yokuqala yakwaHino ukuthi ibe namabhathini esiteringini okulawula umsakazo nokubamba iselula uma uyixhume ngeBluetooth nokuhlela iCruise Control, abathi kusiza umshayeli angasisusi isandla esiteringini.
Ngokwami bekungaba kuhle ukuba i-netouchscreen infotainment system ukuze ukwazi ukuxhuma iselula uveze nenkombandlela kodwa umsakazo okhona udlala iCD, USB, Aux neBluetooth.
Amawindi ngaphakathi asebenza ngogesi futhi nesikhala sithe ukuvuleka ngenxa yokuthi igiya kaliseyona induku, kunalokho ungathi uzinyusela i-volume uma ulishintsha okonga isikhala.
Inombhede wokuphumula omncane abathi kawumkhulu ngoba bakholwa wukuthi abashayeli bala maloli akubona abahamba inyanga yonke ekhaya.
Injini abayifakile ingu-13 litre six-cylinder turbocharged and intercooled kadizili. Ihlukene ngamandla njengoba kukhona efuqa angu-302kW ne-torque engu-1 961Nm. Enye inamandla angu-331kW ne-torque engu-2 157Nm.
Igearbox iyiZF 16 speed automated manual transmission, abathi kungcono uyiyeke izoshintshele kunokuthi uzishintshele wena njengoba ukwazi uma uthanda.
Emgwaqweni intofontofo ngoba bathi i-suspension bathe ukuyithinta futhi nakudizili iyonga. Okunye okusiza ekongeni udizili ngama-drive modes enawo futhi iyakutshela indlela oshayela ngayo ukuthi idla kakhulu yini noma cha.
Intengo:
Hino 700 2841 Tip – R1 925 928
Hino 700 2841 FC – R1 822 454
Hino 700 2841 TT – R1 871 568
Hino 700 2845 TT – R2 040 154
Afika ne-service plan ka-480 000km (kumele uyisevise ngemuva kuka-40 000km) ne-warranty yeminyaka emithathu.