Umbuzo
MAGUMEDE, ngiyindoda ethandana nenye indoda. Ezinsukwini ngithole ukuthi ithandana nentombazane futhi eceleni. Ngimbuzile, waphika kodwa nginabo ubufakazi ngoba ngibambe imiyalezo kumakhalekhukhwini wakhe. Ngididekile, angazi ngenze njani sisi?
Impendulo
Sawubona bhuti. Yize ngingabazi ukuthi ubufakazi onabo buyiqiniso kangakanani kodwa ngicela ubonisane nomuntu wakho. Ngicela uzame ukuthola iqiniso mayelana nobulili bakhe ngoba kungenzeka ukuthi yize ethandana nawe kodwa unayo futhi imizwa yabesifazane. Kuzoya ngengxoxo yenu ukuthi uyaqhubeka yini nokuhlala kulobo budlelwano noma uyaphuma uzitholele omunye. Ngeke ngikuthathele isinqumo. Nguwena ozozithathela ngoba nguwena owazi ukuthi umthandela ini.
Umbuzo
MAGUMEDE, kubo kwendoda yami abangifuni nalapho nginyathele khona. Angisazi isizathu futhi nginovalo lokuthi uma kwenzeka ngishada naye, ngiyobhekana kanjani nalesi simo? Ngicela izeluleko ntombi.
Impendulo
Ngiyayizwa inkinga yakho sisi futhi ngiyayiqonda. Yizinto ezenzekayo lezo. Kungakuhle ukhulume nesoka lakho ngale nkinga kube yilona elizama ukulungisa isimo ngokushesha nje. Kungenzeka ukuthi abasemzini basazokuthanda ngokuhamba kwesikhathi uma sebebona ngempela ukuthi indodana yabo izimisele ngawe.
Mhlawumbe okwamanje kukhona lona abafisa agane indodana yabo. Khululeka, ngokuhamba kwesikhathi bazokwazi ukwamukela isimo. Kasethembe ukuthi uyothi uqamba ushada, bayobe sebeshintshile.