SEKULINDWE uMashi 24, ukuthi iJaji leNkantolo eNkulu yaseThekwini, lethule ukwahlulela kwalo ecaleni lokubulala elibhekene nowesilisa okuthiwa wagwaza wabulala unina wengane enxanxatheni yezitolo iGateway, eThekwini, nyakenye.
Lokhu kuza emva kokusongwa kwezethulo zokugcina enkantolo.
Ummangalelwa, uMnuz Siphamandla Khumalo (35) ubhekene necala lokubulala ngokugwaza uNksz Nomfundo Msibi (30) ngo-Agasti 4.
Kulesi sigameko esenzeka emhubheni osuka ngaphakathi ezitolo ubheke erenki yamatekisi, kuthiwa uKhumalo wadonsa uhalakasha lommese, wagwaza ephindelela uNksz Msibi waze washonela khona lapho.
Izolo, uMbuso ngomlomo ka-Advocate Krishen Shah, wenze izethulo zawo zokugcina maqondana nephuzu lokuthi ummangalelwa wayekuhlosile futhi ekuhlelile ukubulala umufi.
Enza isibonelo, uthe ummangalelwa wamgwaza umufi amanxeba awu-23.
“Ngisho esefile, waqhubeka wazama ukumnquma ikhanda,” kusho uShah.
Uqhube wathi kwakhona ukuthi amlandelele ngesikhathi esuka ehamba umufi emva kwengxabano, kwakusakhombisa khona ukuthi wayehlosile ukumbulala.
UShah uqhube wathi kuyavela ebufakazini ukuthi kwasuka ingxabano ngesikhathi umufi ethola ukuthi ummangalelwa umlethele into engekho ezitolo njengoba wafika engayiphethe imali yokukhipha i-lay-by yakhe ayethe abazoyihlanganela.
“Wathi uma ethatha amagxathu umufi ehamba, ummangalelwa wamlandela wamvimba, wase eqala emgwaza. Kwathi noma esebaleka, waqhubeka nokumlandela, esemhaja, wamfica, waqhubeka wamgwaza ephindelela,” kusho uShah.
Ubuye wagxila endabeni yommese athe ummangalelwa, wathi eseqedile ukuwusebenzisa, wawugoqa, wawubuyisela ephaketheni.
“Akekho umuntu owavele wamnika ummese (ezitolo) futhi akukho lapho okuvela khona ukuthi wawuthenga khona eGateway. Ayikho nencane into ekhombisa ukuthi isenzo sokubulala savele sazenzekela nje,” kwengeza uShah.
Uyivale ngelithi ummangalelwa wabuswa umcabango wokuthi “ungumnikazi” kamufi, wase eba nombono wokuthi uma yena engasakwazi ukuba naye, akekho okufanele abe naye.
Ummeli kammangalelwa, u-Advocate Phumelele Daniso ezama ukuphikisa amaphuzu kaShah, uthe ummangalelwa wenganywa ukudinwa okuyinto eyamfikela ngaleso sikhathi, akukhona ukuthi wayekuhlelile ukubulala umufi.
Uphinde waphakamisa iphuzu lokuthi ukube ummangalelwa wayekuhlosile ukubulala umufi wayezokwenza phambilini, bebobabili, hhayi eGateway phambi kwabantu.
“Sizwile ebufakazini ukuthi ngosuku abahlangana ngalo eDurban Station, waze wamlandela waya emqashweni wakhe KwaMashu. Ukube wayenenhloso yokumbulala, wayezombulala ngalelo langa, kungekho muntu obonayo,” kusho uDaniso.
IJaji uJacqueline Henriques, livule amehlo labuza uDaniso ukuthi ngalokhu akushoyo uqonde ukuthi ngoba nakhu ithuba lake laziveza phambilini kodwa ummangalelwa wangalisebenzisa, kusho ukuthi wayengenanhloso yokumbulala ngosuku lwesigameko?
UDaniso uphendule ngelithi ngeke akwazi ukumphendulela kulokho ummangalelwa, wathi alukho uhlangothi lukammangalelwa oluvezayo ukuthi yini ndaba ambulala umufi, okuvelayo nje ukuthi wambulala emva kokusuka kwengxabano.
Ijaji lithe akukho okungaphawulwa yinkantolo kulokho ngoba ummangalelwa wuye okhethe ukuthula, angaluvezi olwakhe uhlangothi, kwaze kwaba siyaphothulwa isigaba sokwethulwa kobufakazi.
Liqhube lagqamisa amaphuzu ambalwa ijaji, lithi kwakungeyona yini ingxenye yokuhlela ukumbulala umufi ukuthi ambizele eGateway ebe engayiphethe imali yokukhipha i-lay-by?
“Uma wayeqonde ukuyokhipha i-lay-by, wayeyaphi pho imali engayiphethe? Kwakungeyona ingxenye yokuhlela ukubulala leyo?” kubuza ijaji.
Ijaji liphinde labuza eyokuthi uma wayengahlelile ukumbulala, pho yisiphi isizathu esamenza ukuthi ahlome ngommese?
UDaniso ugcine engasazi ukuthi uzophendula athini emaphuzwini abebuzwa yijaji.
Ngesikhathi kuqhubeka icala, ummangalelwa obesagqoke izingubo abezifake ngoLwesibili, ubelokhu ebeka isandla ebusweni, ezivala amehlo.