SEKUNGENELE iToyota South Africa Motors (Tsam) ngokufelwa yimoto kwabangani abathathu asebezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngama-video akhombisa uhambo lwabo ngeToyota Hilux besuka eLondon belibangise eKapa.
Laba bangani, okungoKaren, James noSpence bahlale benekela abantu ku-Instagram naku-TikTok ukuthi uhambo lwabo luqhubeka kanjani.
Njengamanje basosukwini lwabo luka-59 ngemoto yabo abayethe ngokuthi wu-Edna.
U-Edna uthwele yonke imithwalo yabo kuhlanganisa nokokuqwala njengoba bebuye balale emahlathini.
Kwamanye amazwe abafika kuwo sebefike balaliswe mahhala emahhotela.
Kusuka uhambo luqalile, u-Edna ubhekane nobunzima ngengoba eke wacishe wanqamuka ushesi kwadingeka ukuthi ashiselwe kokunye kwacima i-aircon yangawukhipha umoya obandayo.
NgeSonto bafake i-video ezinkundleni zokuxhumana becela usizo ngoba ngesikhathi sebenqamula eNigeria bebheke eCameroon, u-Edna uvele wanqamuka phakathi.
Bathe bacela uxhaso ngale kwalokho bazophoqeleka ukuthi baluhoxise uhambo lwabo bathathe indiza babuyele emakhaya.
ITsam isithembise ukungenela.
“Sanibona Karen, James noSpence! Siyaluthanda uhambo lwenu olusuka eLondon luya eKapa,” kusho iTsam iphawula ekhasini lika-Instagram lalaba bobathathu.
Ithe iyabona ukuthi u-Edna uthwele kanzima ngakho ukuze uhambo luqhubeke bafuna ukuthumela iHilux GR-S eyethulwe ngesonto eledlule kuleli.