Aseqalile amalungiselelo omcimbi waminyaka wokudlalwa kwezimoto ezingama-4x4 eNgodini Bunduz, eShowe.
Lo mcimbi, iNgodini Bundu Games, oba njalo ngoNovemba, ususingathwe iminyaka eyisikhombisa.
Umsunguli wawo ophinde abe ngumnikazi wendawo uThokozani Mabaso, uthe yize umcimbi wakamuva ubungempelasonto edlule yangoNovemba 18 kodwa sebeqalile nokulungisela unyaka ozayo.
“Sibonile ukuthi asikho isidingo sokuqala amalungiselelo isikhathi sesisondele kunalokho kumele sisheshe siqale ukuze sigweme okuningi. Phakathi kokuzosisiza ngokusheshe siqale ukuthi sinikeze esicela kubo uxhaso isikhathi esanele sokucubungula izicelo zethu,” kusho uThokozani.
Uthe umcimbi uhambe kahle futhi kuningi abakufundile nabazokulungisa ukuze umcimbi uthuthuke.
Kuncintisane izimoto ezahlukene ezidonsa ngamasondo amane emidlalweni eyahlukene njengokuhamba odakeni, ukuqwala intaba nokunye.
Phakathi kwezimoto ebezidlala kubalwa kuzo iJeep Wranger, Toyota Hilux, Land Rover Defender, Toyota Land Cruiser, Suzuki Jimny, Nissan Navara nezinye.
Kugcine kunqobe uMoffat Mosia obehamba ngeJeep Gladiator ebizihambela ngaphandle kwenkinga.
UMosia ugixabezwe ngendondo.
Abanye bebedlala izithuthuthu ezinamasondo amane namasondo amabili.
“Kusijabulisile ukuthi ngemuva kweCovid-19 sikwazile ukuheha inqwaba yabantu kangangokuba amatende okulala aqashwe onke aphela. Kube yimpelasonto yobumnandi ngoba bekudlalwa nemidlalo emidala njengenduku, sinezipline futhi bekunamajumping castle ezingane kanjalo noDJ nabaculi abebenandisa.”