IMOTO: VOLVO XC60 RECHARGE
Ngibonga khona ukuthi ngangingedwa emotweni ngesikhathi ngithi ngizama ukudumisa iVolvo XC40 Recharge ngingaboni ukuthi kwenziwa kuphi.
Ngendlela engahluleka ngancama ngayo ngaze ngangena kuYouTube ukuze ngibone. Empeleni ayidunyiswa ndawo kodwa uvele uyifake kuDrive nje bese iyahamba.
Yinto yokuqala engifike ngayibheka ngingena kwiXC60 Recharge. Ngenhlanhla yona inawo uStart kwi-centre console.
I-centre console le ayinamabhathini amaningi, yonke into isobala. Uzofisa indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, eyokubeka iziphuzo, yigiya elisangilazi elikhanyayo ebusuku bese kuthi ngaphambili kube ne-touchscreen infotainment system ezishaya sa-tablet.
Yilapho usetha khona amazinga okushisa ngaphakathi, uveza inkombandlela yakwaGoogle Maps nengaphandle lonke uma upaka livela khona ngamakhamera asemzimbeni wonke.
Umculo uwudlala kuSpotify, ngeBluetooth noma kwiselula yakho uma uyixhume nge-Apple CarPlay/Android Auto. Izipikha zeBowers & Wilkins zikhala kamnandi, ingoma uyizwa injalo. Ibiba nakho ukujema ngesikhathi ngidlala umsakazo isiteshi singashintsheki.
Ngale kwalokho ingaphakathi yindawo ekahle enkulu. Izihlalo ziyisikhumba zintofontofo futhi ezangaphambili ziyafudumala. Okhakhayini uhambisa umunwe phezulu kuvuleke i-sunroof enkulu.
Ibhuthi incane kuneyezimbangi iMercedes-Benz GLC neBMW X3. Ingu-468 litres kanti eyeGLC ingu-620 litre kuthi eye-X3 ibe ngu-550 litres.
Ukuba ntofontofo kwezihlalo kwengeza ekukujabuleleni ukuhamba ngayo. Ithule awuyizwa noma isiduma njengoba iyiplug-in hybrid nje. Inebhethri elingu-18.8kWh abathi uma ligcwele ungahamba u-81km. Angikaze ngilishaje ligcwale kunalokho ngithe ngizihlalele eMashamplanez Lounge eChesterville ngacela indawo yokushaja. Umnikazi ubuze ukuthi ngifuna ukushaja iselula yini ngathi cha, imoto. Ukhuze wababaza kodwa wanginika intambo ngayixhuma.
Iveze ukuthi kuzothatha amahora angaphansi kancane kwangu-24 ukuthi igcwale.
Ungagcina ungawethi uphethroli uma ungahlali kude nasezindaweni ozihambayo ngoba ntambama uma usulala ungayigaxa eshajeni.
Uma kwenzeka uphela nokho ugesi, ingena kuphethroli njengoba inenjini engu-2.0 turbopetrol egcina iyenza ibe namandla angu-340kW.
Ngenxa yokushoda kwezindawo zokushaja, ngincamela yona kuneBMW iX3 ehamba ngogesi kuphela njengoba izindawo zokushaja zingakandi nje.
Le XC60 uma ugesi usakhona idla kancane kodwa uma isingena kwinjini ugcina uyibona iveza ukuthi idla 6.8l/100km.
Engikuthandayo ukuba ntofontofo kwayo njengoba ine-air suspension nje. Ingenze ngakhumbula i-Audi Q5 nayo ehamba kamnandi uma uyifake yona.
Ithule ngaphakathi futhi ayinayo neturbo leg, ingena ngokushesha ejubaneni.
Ngike ngathi ngisaqalaza ngayizwa isingixwayisa ukuthi ngizoshayisa ngoba imoto ebiphambi kwami ibisevele yama. Iyakuxwayisa iphinde ibhreke.
Lokhu kungezinye zezokuphepha enazo njengeblind spot monitor, iyakutshela uma usuphuma emzileni nokunye.
Intengo:
R 1 283 950