IMOTO edayisa kakhulu okuzedlula zonke eNingizimu Afrika, iHilux, isizoba nenhlobo entsha kumenyezelwa ukwethulwa kweLegend 55 ezoqala ukudayisa ngoJulayi.
Ama-Legend aqala ukwethulwa ngeLegend 35 eminyakeni edlule. Eyokugcina kwaba yiLegend 50 eyaqala ukudayisa ngo-2019.
Bekubhekwe ukuthi iLegend 55 izofika ngonyaka odlule njengoba isizotheleka ngoJulayi nonyaka.
Ibonakale okokuqala embuthanweni waminyaka yonke wakwaToyota obizwa ngeState of the Motor Industry (Somi), eKyalami Grand Prix Circuit kuleli sonto.
Inomzimba ovulekile kanjalo ne-suspension. Ngaphandle bayigaxe i-roller shutter esikhenkeni esifakwe i-rubber ukuze singaklwebheki, ifakwe ne-styling bar esihlukile kanjalo ne-towbar. Ngaphambili ine-bash plate.
Ivezwe ngombala ohlukile ongathi uluhlaza sakuba mnyama.
Injini abazange bathi vu ngayo.
Kwethulwa iLegend 55 nje, sekuke kwavela izithombe zokuthiwa yiHilux entsha ivivinywa eThailand. Ingase iqale ukudayisa kuleli ngonyaka ozayo.
Ezinye izimoto ezizokwethulwa kwaToyota nonyaka kubalwa kuzo iFortuner GR-S, GR Yaris enamandla athe xaxa no-gearbox oyi-8 speed auto, Lexus LX neLexus GX.