Sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kuqale ukuphithizela emigwaqeni abantu bebheke emaholidini okuphela konyaka.
Ngokusho kwe-Automobile Asssociation (AA), lesi yisikhathi esikahle sokuthi abashayeli baqale balungise izimoto zabo ukulungiselela izinkambo abazozithatha.
Le nhlangano yeluleka ngokuthi kumele abashayeli benze isiqiniseko sokuthi imoto isevisiwe, amathayi asesimeni esihle futhi ithelelwe – okuhlanganisa nezinqola.
“Intengo yokusevisa imoto ephezulu kwesinye isikhathi yenza abanye abashayeli bakhethe ukuthi bathathe amashansi bahambe amabanga amade ngemoto enganakekeliwe kahle noma engabhekwanga ongoti. Bacabanga ukonga imali, akukho kubo ukuqhathanisa kubantu abahlukene ukubheka indawo eshibhile futhi ethembekile ukuthi ungasevisa kuyo. Kubalulekile kodwa imoto iseviswe futhi ihlolwe ngaphambi kokuthatha uhambo olude,” kusho i-AA.
Uthe kuningi okubhekwayo ukuze kukhishwe intengo yokusevisa imoto okuhlanganisa ukuthi yimotoni, inhlobo yesevisi okumele yenziwe, amaphathi nabasebenzi.
Ithe kubalulekile ukuphinde ubuze nabangani noma amalungu omndeni ukuzwa ukuthi bona bazisevisa kuphi izimoto zabo nezinga lomsebenzi owenziwa lapho abaziyisa khona.
Iqhube yathi kumele abashayeli bakucabange nokuba newarranty ne-service plan ukuze bagweme ukungena ezindlekweni abangazihlelele.
Ithe nazi izimpawu ezikhomba ukuthi imoto kumele iseviswe:
– Ngoba ibhuku layo lisho njalo:
Ibhuku elichaza ngemoto linemininingwane ebalulekile ngokuthi imoto kumele uyisevise nini. Ukugcina wonke umlando wokuyisevisa kungakusiza ukuthi ingehlelwa yintengo yayo uma sekuyisikhathi sokuthi uyidayise noma uyishintshe.
– Amalambu avela kwidashboard:
Yizona zimpawu ezisobala lezi eziveza ukuthi imoto idinga ukuyoseviswa. Ukuziba amalambu ayisixwayiso kungakufaka kwenkulu inkinga ngakho kumele uyoyisevisa ngokushesha.
– Inkinga yokubhreka:
Amabhreki akamuva ayashesha ngakho uma uqaphela izinkinga ezifana nomsindo ofana nokungqongqoza noma eminye noma ukungabambi kahle kwawo kukhomba inkinga. Amabrake pads noketshezi lwamabhreki (brake fluid) akuhlali ingunaphakade.
– Imisindo:
Ingabe kunemisindo oyizwayo uma uyidumisa? Imisindo ekhalayo uma uhamba ingasho ukuthi ipower steering fluid isidinga ukushintshwa noma amasondo awasabhalansile kahle.
– Ukucima kwenjini:
Ingabe imoto yakho ivele icime uma uthi uyasuka erobhothini ngisho ngabe ufake igiya elifanele? Inkinga ejwayelekile kungaba wukuvaleka kwefuel filter nokungcola kwamaspark plugs nokuyinkinga elula ukuyilungisa ngakho hambisa imoto kwisevisi ukuze iyohlolwa.
– Ukungqangqazela:
Uma ungekho emgwaqeni omubi futhi imoto yakho iqala ukungqangqazela, kumele uyihambise iyobhekwa. Kungaba yinto encane njengento enganamathele kahle noma enkulu njengamathayi angabhalansile noma ibearing engabambile kahle. Khumbula ukuthi amathayi abalulekile kwezokuphepha
– Inkinga ye-ignition:
Uma imoto yakho ikhwehlela njalo uma uyidumisa kungenzeka ukuthi umlilo ebhethrini uya ngokuphela.
– Uma uhamba ibanga elincane ngophethroli onawo:
Indlela izinjini ezisebenza ngayo ziya ngokwehla ngokuhamba kwesikhathi kodwa lokho kwenzeka kancane. Uma uqaphela ukuthi imoto iyakho isikunika ibanga elincane ngophethroli kungaba yizinkomba zokuthi kumele iyoseviswa.