IMOTO: BMW iX3
NGASEKUQALENI konyaka odlule ngike ngathola ithuba lokushayela iBMW X3 20d ngisuka eGoli ngiya eThekwini.
Ngaphuma kuyo iyithathile inhliziyo yami ngenxa yokongakwayo udizili, ukuvuleka kwayo ngaphakathi, nokuba ntofontofo emgwaqweni.
Ukuthola ithuba lokuchitha isikhathi ne-iX3 bengilibheke ngabomvu ukuzwa ukuthi nayo izinga liyefana yini nale eyangithatha.
Ngaphandle ungazitshela ukuthi yiX3 ejwayelekile futhi akukho muntu olokhu ephenduka nawe kwazise iX3 ijwayelekile. Uma ngingakukhumbuza, i-X3 yakhiwa efemini yakwaBMW eRosslyn, ePitoli, kusuka ngo-2018.
Kuthe ngo-2021 yathuthukiswa ishintshwa indlela ebukeka ngayo, yengezwa nokunye. Lokho kuthuthukiswa okwenziwe ukuthola nakwi-iX3.
Inamalambu angamaLED azidimisayo uma kuqhamuka enye imoto ukuze angamxhophi umshayeli. Nangemuva amalambu angamaLED.
Ifika neM Sport package. Amarimu angu-20inch, okuyinto oyengeza uma uthanda kwiX3 ejwayelekile. Ngaphakathi izihlalo ziyisikhumbafuthi ezangaphambili zihlelwa ngogesi, zinjalo njezibuye zifudumale.
Okuthola ngaphakathi yi-touchscreen infotainment system ekuvezela inkombandlela, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, udlala umculo ezipikheni ezikhala kamnandi zeHarman Kardon, yizimbobo ezimbili zokushaja ngemuva, uyayishintsha indlela ekhanya ngayo ngaphakathi ne-panoramic sunroof enkulu okhakhayini.
Isikhala ngaphakathi siyalingana neX3 ejwayelekile, yize isisindo sithe xaxa njengoba ihamba ngebhethri nje. Esokulayisha sincane ebhuthini oyivula ngogesi. Singu-510 litres,okuthi uma ulalise izihlalo sibe ngu-1 560 litres.
Kwejwayelekile singu-550 litres sigcine ku-1 600 litres.
I-BMW iX3 ihamba ngenjini kagesi enebhethrielingu-80kWh. Inamandla angu-210kW ne-torque engu-400Nm. Uma igcwele bathi ingahamba ibanga elifika ku-460km. Mina ngihambe ibanga elingaphezulu kancane kuka-300km yangitshela ukuthi ngisengahamba omunye u-70km ngaphambi kokuthi iphele ibhethri. Ijubane elikhulu limisweku-180km/h. Ukuyishaja nge-direct current enamandla angu-150kW bathi kuyithatha imizuzuengu-10 ukuthola u-100km.
Ngike ngazama ukuyishaja ngogesi ojwayelekile wasendlini isengahamba amakhilomitha angu-77 yangitshela ukuthi iyothatha amahora angu-32 ukugcwala. Ngeshaja engu-22kW iveze ukuthi izothatha amahora alinganiselwa kwayisithupha.
Ngiyishaja nje, bese ngiqede isonto ngihambangayo ngingakaze ngiyishaje. Lokhu kuyenza imoto ekahle yokuzihambela edolobheni. Uma useThekwini nje, ukuya emadolobheni aseduze njengaseBallito noMgungundlovu ngeke kube yinkinga uphinde uyixhume kwishaja yakwakho ntambama njengeselula uma usulala.
Emgwaqweni ihamba kamnandi buthule, namandla uwathola ngokushesha. Amabhampu iyazama ukuthi ungawezweli. Injalo nje, inezinsiza zomshayeli nezokuphepha eziningi. Kubalwa i-adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni, inamakhamera futhi iyakusiza umaupaka, izihlehlele ngendlela ongene ngayo.
Okuhle wukuthi ibiza imali ecishe ifane namaX3 ahamba ngophethroli nodizili, okungenza uheheke uma impilo yakho iphelela edolobheni elikhulu njengeTheku, eKapa, eGoli nasePitoli lapho izindawo zokushaja eziningana khona. Ishibhile futhi uma uyiqhathanisa neMercedes Benz EQC eqala kuR1 575 000 ne-Audi e-tron yona eqala ku R1 990 000.
Intengo: R 1 306 400
Ifika ne-motorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.