Isikhulu esiphezulu saseWesBank, uGhana Msibi sithe babona sengathi izwe liyadlula esikhathini esinzima kwezomnotho nokuzoholela ekutheni inzalo yemalimboleko yehle kodwa hhayi kakhulu.
UMsibi uthe iRandi likhombise ukubuyelwa ngamandla ngemuva kokungena kukahulumeni wokubambisana.
Uthe babona lizovala unyaka lidlalela ku-R18.50 uma liqhathaniswa nedola laseMelika kuthi ngonyaka ozayo liqine lizinze ku-R17.60.
Uthe yize kunjalo kodwa abantu basathwele kanzima ngakwezomnotho ngoba ama-credit score abo eminyakeni edlule abelinganiselwa ku-645 ngo-2014 kodwa manje aselinganiselwa ku-625.
“Imizi inezikweletu eziningi futhi nezindleko zempilo zidlula imali engenayo,” kusho uMsibi.
UMsibi ubekhuluma embuthanweni wezezimoto, iFestival of Motoring, ovulelwe abezindaba kusuka ngoLwesine. Amalungu omphakathi aqale ukuvulelwa kusuka izolo kuze kube yiSonto.
Uxwayise ngokuthi abantu abangalindeli ukuthi inzalo yemalimboleko yehle kakhulu ngoSepthemba kubheke kuNovemba.
Uthe ukwehla kwenzalo kusho ukuthi abantu bazothenga izimoto eziningi.
Ephawula ngemboni uthe zizokwanda izimoto ezivela emazweni ase-Asia kusuka manje kuya kuDisemba. Uthe lezi zinkampani sezithathe u-26% webhizinisi eNingizimu Afrika.
“Lowo onentengo enhle wuye ozothola amakhasimende,” kusho uMsibi.