IMOTO: BMW X5 neX6
Zizotheleka ngekota yesithathu kulo nyaka izimoto zakwaBMW iX5 neX6 ezithuthukisiwe.
Izinguquko ezenziwe kulezi zimoto azenziwanga kuphela ngaphandle nangaphakathi kodwa nangaphansi kwebhonethi.
Zombili ungazithola ngezinjini ezahlukene okuyi-eight cylinder kaphethroli, eyisix cylinder kaphethroli neyisix cylinder kadizili. Zonke zinogearbox omusha oyi eight-speed Steptronic Sport transmission futhi zidonsa ngawo wonke amasondo njengoba ziyi xDrive.
Zonke zifika ne-48V mild hybrid technology. Le njini encane yebhethri yenza ukuthi amandla anyuke ngo-9kW no-200Nm.
Zonke zine-adaptive suspension bese kuthi izinhlobo eziphezulu zibe ne-Adaptive M suspension.
Kukhona iX5 xDrive50e plug-in hybrid. Ihlanganisa injini kaphethroli eyisix-cylinder nekagesi okukhipha amandla angu-360kW netorque engu-700Nm. La mandla anyuke ngo-70kW no-100Nm kwendala. Uma ulishaje lagcwala ibhethri elingu-25.7 kWh bathi ukwazi ukuhamba ngogesi kuphela ibanga eliphakathi kuka-94 no-110km.
I-X5 neX6 iphinde ibe nenjini engu-4.4 litre V8 elandwe ezimotweni zakwaBMW M GmbH. Ikhafula amandla angu-390kW netorque engu-750Nm. Zombili iX5 M60i xDrive neX6 M60i xDrive zisuka ku-0 zibambe u-100km/h ngemizuzwana engu-4.3.
Enye injini ingu-3.0 litre six-cylinder kaphethroli. Inamandla angu-280kW netorque engu-540Nm.
Ekadizili injini yona ingu-3.0 futhi inamandla angu-219kW netorque engu-670Nm.
Izinguquko ngaphandle
Lezi zimoto ezenziwa efimini yakwaBMW iPlant Spartanburg e-United States of America, zishintshwe amaheadlight namadaytime running light aphinde abe ngama indicator. AmaMatrix LED headlights uwafaka uma uthanda.
Uma uthanda uyakwazi futhi nokufaka iBMW kidney Iconic Glow kwi-X5. Bayishintshe namalambu ngemuva.
I-X6 ngakolunye uhlangothi nayo ishintshe amalambu. I-Iconic Glow uyakwazi ukuyifaka uma uthanda njengasekuqaleni. Isifika neM Sport package ngale kokwengeza imali. Ishintsha ingezansi legrille, inesiketi esihlukile eceleni neshadowline ecwebezelayo. Ngemuva inama-exhaust tailpipe atrapezoidal.
Izinhlobo eziphezulu iBMW X5 M60i xDrive neBMW X6 M60i xDrive zineM Sport package Pro. Kukhona nemibala emisha i M Marina Bay Blue.
Amarimu angu-20 inch kwiX5 neX6 bese kuthi izinhlobo eziphezulu zibe nangu-21 inch. Uyakwazi nokudaaka angu-22 inch.
Ingaphakathi
Ngaphakathi kukhona iBMW Curved Display ehlanganisa idigital instrument cluster engu-12.3 inch ngemuva kwesiteringi nescreen esiphakathi nendawo esingu-14.9 inch. Kukhona neBMW Operating System 8.
Uma imoto imile ningakwazi ukubuka iYouTube ngaphambili.
Izihlalo uma uthanda uyakwazi ukuzishintsha ufake ezifudumalayo futhi ezikuwotawotayo.
Okunye ongakwengeza yiSky Lounge panoramic sunroof, nezipikha zeBowers & Wilkins Diamond Surround Sound System.
Ubuchwepheshe ezinabo buhlanganisa ukuthuthukiswa endleleni ezibika ngayo uma zizoshayisa, Speed Limit Assist, exit warning, route speed control, Emergency Stop Assistant, and Lane Change Assistant nokunye.
Okunye wukuthi uma ufake iParking Assistant Professional, ungakwazi ukuyipaka noma ukuyikhipha lapho ipake khona ibanga elingu-200 metres ungaphandle kwemoto usebenzisa iMy BMW App kwi-Apple iPhone.
Intengo izoqinisekiswa uma sezitheleka ngasekupheleni konyaka.