PHEZU kokuthi sekunesikhathi kwethulwa izimoto ezihamba ngogesi ama-electric vehicles (EVs) emhlabeni jikelele, kusenemibuzo eminingi ngazo eNingizimu Afrika. Lokhu kungenxa yokuthi kuleli zingenisa kancane.
Amazwe amaningi ikakhulu ase-Europe, amemezele ukuthi eminyakeni ezayo azoqeda ukudayisa izimoto ezihamba ngophethroli noma ngodizili. Bathi lokhu kuyimizamo yokuqeda isisi esingcolisa imvelo.
INorway isibeke ukuthi kumele kushaye u-2025, izimoto ezidayisayo kube ngezihamba ngogesi noma i-hybrid. Ama-hybrid yizimoto ezisebenzisa injini ejwayelekile ihlanganiswe nekagesi.
Kuma-hybrid kukhona anebhethri elizishaja lona uma ihamba bese kuba namanye, okumele uwaxhume kugesi njengoba sekwenziwa ezihamba ngogesi wodwa nje.
“Iqiniso wukuthi umhlaba ushintshela kuma-EVs ngokushesha futhi nathi kumele silwamukele lolo shintsho,” kusho isikhulu seNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa), uMike Mabasa.
Ekhuluma kwiSouthern African Transport Conference kuleli sonto, uMabasa uthe iNingizimu Afrika, ishaya ngonyawo lonwabu ekukhiqizeni izimoto ezihamba ngogesi. Uthe lokhu kuzokwenza isalele emuva uma ifuna ukubamba iqhaza ekukhiqizeni ngomuso.
IToyota South Africa Motors yaba ngeyokuqala ngo-2005, ukwethula imoto eyi-hybrid ngesikhathi idayisa iPrius.
Umnikazi weMakwana Public Public Relations, onamava kwezezimoto, u-Edward Makwana, muva nje, ubhale ephephabhukwini i-Leadership, ukuthi ngokusho kukaMabasa sekudayiswe ama-EVs awu-6 180 kuleli, phakathi kuka-2013 no-Ephreli 2022.
Kulindeleke ukuthi lesi sibalo senyuke njengoba izinkampani eziningi zethula izimoto ezintsha. NgeSonto elizayo, iBMW izokwethula i-iX3, ne-i4, ezelama i-iX etholakalayo emakethe. I-Audi inama e-Tron, neJaguar ine iPace kanti neMercedes-Benz iza nezayo.
Inkinga ngezimoto zikagesi yintengo yazo ekhalisa abaningi.
Isikhulu se-Uyilo eMobility Programme, uHiten Parmar, sikhuluma kwi-eNCA ngeledlule lapho beseseka futhi sigqugquzela izimoto zikagesi kuleli, sithe okunyusa intengo wukuthi uhulumeni ubamba u-25% wentela ezimotweni zikagesi ekubeni kwezinezinjini kungu-18%.
Uthe lokhu nezinye izintela kugcina kwenza intengo iba phezulu “ngoba imoto eshibhile kagesi yiMini SE ebiza imali elinganiselwa kuR760 000”.
Uthe ukunqanyulwa kukagesi yi-Eskom akuyona inkinga ngoba abaningi abanalezi zimoto banama-solar emakhaya.
“Cishe u-60 kuya ku-70% wokushaja wenzeka ekhaya ulele. Izinxanxathela zezitolo eziningi lapho kushajwa khona zinama-solar neziteshi eziningi zokushaja,” kusho yena.
Uyakwazi ukushaja ngogesi ojwayelekile ekhaya noma ufakelwe ishaja yemoto.
UMakwana ucaphune usikhulu seGridCars South Africa, inkampani ezihola phambili ngamashaja kuleli, uWinston Jordaan, othe zingaphezu kuka-355 izindawo zokushaja nge-alternating current kuleli (AC) nezingu-86 ze-direct current (DC).
Uthe ezingaphezu kuka-50% ziseGauteng, u-19% uKwaZulu-Natal naseWestern Cape, u-2% useMpumalanga naseNorth West kuthi u-1% ube seLimpopo naseNorthern Cape.
Ngeledlule, izintatheli uJustus Visagie no-Ernest Page, ziqophe umlando zisuka eKapa, zalibhekisa eGoli ngeBMW iX. Kuzithathe amahora angu-20 nemizuzu engu-17, futhi zishaje kasithupha endleleni.
Umnikazi we-iMoto Online, okuyinkampani eluleka ngezezimoto, uSibonelo Myeni, uthe ukushaja kushibhile kunokufaka uphethroli noma udizili.
“Asithi ikilowatt hour (kWh) libiza uR5.50 ezindaweni zezinxanxathela zezitolo bese kuba phakathi kuka R2.50 kuya ku R5 ekhaya. Uma ubala imoto enebhethri elingu-95kWh uma ushaja ekhaya ugcina ukhokha R237.50. Endaweni ebizayo, ungagcina ukhokha R522.50 ukugcwalisa.
“Bala ke ukuthi ilitha likaphethroli noma udizili libiza malini manje. Emotweni enjenge iX50 ehamba ibanga elingu 600km uma ibhethri elingu-110kWh ligcwele, ukhokha R275 kuphela kanti uma uqhathanisa nemoto kaphethroli enamandla afana ne iX50, ugcina ugcwalise ngo R2 300, uhambe ibanga elicishe lifane.
“Lokhu kukhombisa ukuthi ubuchwepheshe bezimoto zikagesi kumele ungabushayi indiva ngoba sekukhona futhi kuyasebenza, inkinga nje ukungabi khona kwezindawo eziningi zokushaja,” kuphetha uMyeni.