ISIKHALA somdlali wangaphandle esiphendlwa yiKaizer Chiefs ngokufaka amasondo uChristian Saile waseDemocratic Republic of Congo (DRC), singase sivalwe ngumkhaya wakhe, uGlody Makabi Lilepo.
Ngokwemibiko esabalele, lo mdlali oneminyaka engu-27 oqhamuka ngasezimpondweni, usevumelene ngakho konke neChiefs okuhlanganisa namaqembu asemabhukwini awo.
Njengoba kuvuleke iwindi lokubhalisa abadlali abasha, iChiefs isemkhankasweni wokuqinisela umqeqeshi isikwati, uNasreddine Nabi, ukuze Amakhosi ezoqeda isizini yeBetway Premiership esendaweni ehloniphekile.
Leli phephandaba libike ukuthi uSaile uyena ozoshenxa emabhukwini eChiefs ukuze kuvuleke isikhala somdlali ofunwa nguNabi.
Obekucaca ngalo mdlali wukuthi akawona umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika, yingakho bekumqoka ukuthi Amakhosi adedele oyedwa kubadlali bawo bangaphandle abayisihlanu ababhaliswe kwiPremier Soccer League (PSL).
Alokhu evele njalo amahlebezi okuthi iChiefs isiqede konke noLilepo okuthiwa ukhethe yona ekubeni bekunamaqembu amaningi abemfuna aseFrance adlala esigabeni esiphakela esikhulu namanye akhonjwa e-Afrika.
Asebeke bambona edlala kwi-Al Hilal yaseSudan agijima kuyona njengoba ebolekiswe yiqembu lakhe laseFrance, iValenciennes FC, bathi isikile iChiefs kwazise uLilepo akagcini ngokuqhamuka ngezimpondo kodwa amapali uwazi njengoba ezazi lapho egxunyekwe ngakhona.
IValenciennes FC idlala esigabeni sesithathu sebhola laseFrance uma kusukwa kwesiphezulu.
Ukwazana kudala noNabi kuthiwa yikhona okumthambisile uLilepo ekutheni aqome kwiChiefs yize ebeshelwa ngawase-Europe nelaseTunisia.
Kuyavela nokuthi uNabi wake wazama ukumsayinisa lo mgadli ngesikhathi esaqeqesha iYoung Africans yaseTanzania.
Emidlalweni engu-46 ehlanganisa imiqhudelwano ehlukene egqoke umfaniswano weValenciennes, uLilepo ushaye amagoli ayisikhombisa wakhela ozakwabo amanye amahlanu. Kwengu-11 ayidlalele iqembu lesizwe lase-DRC, unegoli elilodwa.
Okusobala ngalo mdlali wukuthi ukufika kwakhe kuzokwehlisa umthwalo kubadlali okubalwa kubona uMduzuzi Shabalala, Mfundo Vilakazi noWandile Duba asebephenduke izinsika zaleli qembu besebancane.