UTHI uzobona ukuthi kukhona umkhoshosho okhona uma naleli sonto liphinde liphela ingaboshiwe imeya eyamxebula ngezimpama ngeledlule, owesifazane okhubazekile osebenza ehhovisi le-IFP eMtshezi.
Umgilwa, uNksz Zandile Radebe kuthiwa washaywa yiMeya kaMasipala Inkosi Langalibalele, eMtshezi, uMnuz Mduduzi Myeza ngoLwesine olwedlule ngesikhathi ezolanda ama-voters roll ehhovisi leqembu kule ndawo njengoba kuvotelwa ubuholi obusha emagatsheni.
Ngaleso sikhathi Isolezwe lathola ukuthi umsolwa wafika kuleli hhovisi ehamba nephini lakhe kumasipala, wasola umgilwa ngokungawenzi kahle umsebenzi wakhe.
Kuthiwa umgilwa wambuza umsolwa ukuthi yimuphi umsebenzi athi akawenzi kahle, wamsola ngokumfaka amagama emlonyeni, wase emshaya.
Umgilwa ekhuluma neSolezwe izolo uthe uqeda kuphuma esibhedlela emva kokulaliswa amahora ambalwa odokotela bezama ukwehlisa umfutho wegazi ophezulu.
“Ngiyakholwa ukuthi unyuswe yiso isigameko ngoba selokhu senzekile, angizizwa kahle,” kusho uNksz Radebe.
Ukhale ngokuthi umsolwa namanje akaboshiwe wathi akazi ukuthi kubambeni ngoba uyaziwa.
“Ukhona, uyaziqhubekela nje nempilo yakhe, ungathi akwenzeke lutho. Nasendaweni akabalekile, ukhona uyabonakala,” kusho uNksz Radebe.
Uthe uke wezwa kancane kumseshi ukuthi ubeye esibhedlela eyofuna ifomu (J88) eligcwaliswa yilowo osuke elinyazwe ukushaywa.
“Uthe udokotela uthe alikho akakaligcwalisi. Ngixakwa ukuthi ngambona eligcwalisa phambi kwami ngesikhathi ngiye khona emva kwesigameko.”
“Kodwa ngikhetha ukwehlisa umoya okwamanje. Ngifuna ukuthi ke ngiyinike isikhathi le nto, ngibone ukuthi kwenzekani. Kodwa uma kuphela leli sonto engaboshiwe, ngizoshaya amakhala, ngibone ukuthi kukhona umkhoshosho okhona,” kusho uNksz Radebe.
Ngesikhathi kwenzeka isigameko, uMyeza kuthiwa wamqhulula ngenqwaba yezimpama ezaziza ngesankahlu umgilwa waze wawa nasesihlalweni ayehleli kuso.
Umgilwa phambilini uveze ukuthi umsolwa vele uhlale emchapha ngenhlamba uma ekhuluma naye, nokuyinto abese eyibekezelele isikhathi eside.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe bazwile ngezinsolo.
Uthe okwamanje kuseyizinsolo, wathi bazodedela uphenyo luqhubeke ngendlela efanele ngaphambi kokuthi kube khona abakushoyo noma abakwenzayo.
Ucingo lwemeya, nayizolo belukhala lungabanjwa.