KUTHIWA kuphume isidumbu umlisa waseMlaza ebhadanywa ngunina wengane yakhe ecambalele nenye intombi ngoMsombuluko entathakusa.
Isolezwe lithole ngomthombo walo osondelene kakhulu nalolu daba ukuthi iyindaba egudwini eyesehlakalo salo wesilisa okuthiwa usenze phambi kwentombi yona okuthiwa iphume yabaleka.
Kuvela ukuthi umsolwa uMnuz Phakamani Sithole (39) uhlinze unina wengane yakhe, uNksz Princess Thembelihle Mokoana (34). Umthombo uthe umsolwa ubekade emxwayisile unina wengane yakhe ukuba angalokothi alubhade endlini yakhe.
"Umsolwa umshayele ucingo unina wengane yakhe emtshela ukuthi angalinge alubhade endlini. Ngicabanga ukuthi yilokho impela okugcine kudala ukuthi afike efuna ukubona ukuthi kungani kuthiwa angafiki endlini ngalolu suku,'' usho kanjena.
Umthombo uthe uNksz Mokoana utheleke endlini kayise wengane kanti uzombhadama elele nenye intombi, wathi lokhu kumcikile kakhulu umsolwa, wabe esembuza umufi ukuthi kungani efika ekubeni emxwayisile ngokuthi angalenzi iphutha lokufika endlini.
"Lo ongumsolwa kumcikile kakhulu ukubona unina wengane yakhe efika endlini engashilo. Kuthe uma umsolwa ebuzwa uNksz Mokoana ukuthi kungani elele nentombi, umsolwa wase evuka umbhejazane,'' kusho umthombo.
Uma uqhubeka uchaza, uthe umsolwa uvukile wayolanda ummese ekhishini wangabuza lutho, waqonda ngqo kunina wengane yakhe wamgwaza amanxeba amaningi.
"'Yigama nje leli lokuthi umgwazile, eqinisweni nje ubemhlinza. Ibe buhlungu kakhulu leya nto eyenzekile egameni nje lothando,'' kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi laba ababili bese kuphela isikhathi eside benokungaboni ngaso linye yize bebesaqhubeka nokuthandana.
Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe lacela ukuba kugodlwe igama lalo, libabaze isihluku elithe sikhonjiswe ngumsolwa.
"Ibikhona enye indlela abengenza ngayo kunokuthi aze akhethe ukubulala unina wengane yakhe pho. Okubuhlungu kakhulu kunakho konke ukuthi lokhu ukwenze ngenxa nje yentombi,’’ lisho kanje.
Ethintwa owomndeni kamufi walile ukuphawula ngalolu daba, wavala ucingo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aseMlaza, abophe owesilisa oneminyaka engu-39 ngecala lokubulawa kowesifazane okwenzeke kwa-U, eMlaza. Umsolwa uvele enkantolo izolo.
Uveze ukuthi lo wesifazane obulewe kuvela ukuthi isidumbu sakhe sitholakale sinamanxeba okugwazwa.