UFUNA ubulungiswa umndeni wowesilisa waKwaShobashobane, eZingolweni, otholwe esefile emakhazeni kahulumeni asePinetown, ngoLwesihlanu.
Umufi, uMnuz Nhlakanipho “Barman“ Nzama (27) ubehlala futhi esebenza eMlaza.
Kuthiwa wagcina ukubonwa ephila ngoFebhuwari 2, benomfowabo, beshaywa u-renki menenja nabashayeli ababili erenki yamatekisi aKwaMakhutha, engasemgwaqweni uRussell, eThekwini.
Ngokusho kwelungu lomndeni, uNksz Nolwazi Nyawose, umufi wayefike KwaMakhutha ngayizolo, ezovakashela abakwabo.
Uthe ngakusasa, bobathathu baya kodayisa eMakethe, lapho okudayisa khona laba ayebavakashele.
“Ntambama sebegoduka, sebekhothakhothile, banikela erenki yamatekisi aKwaMakhutha, bangena bahlala bobathathu ezihlalweni ezingemuva komshayeli,” kusho uNksz Nyawose.
Uthe baba nempikiswano encane, umufi nomfowabo bagcina beshaywa, wathi kwathi kusenjalo, kwaqhamuka urenki menenja nabashayeli ababili, babuzana ukuthi “yibona yini laba”. Uthe baphendulana bodwa, bevumelana ukuthi “yebo ibona”.
“Babe sebeyabula uBarman, bemkhiphela ngaphandle kwetekisi. Balandelisa ngokuyabula umfowethu wesibili, base bebadinda ngenduku,” kulandisa uNksz Nyawose.
Uthe lo oyedwa owayesele ngaphakathi etekisini, wathi uyazama ukuphuma ayobalamulela, wabanjwa ngomunye wesifazane ngamawashingi, ethi kuyingozi ukuyolamulela abafowabo ebantwini abadinwe kanje.
Uveze ukuthi kwaba ukungena kwabanye abagibeli abathathu, yagcwala itekisi, yasuka yahamba.
Uthe efika KwaMakhutha lo owasala etekisini, walinda emgwaqweni ngethemba lokuthi abafowabo bazokwehla kwelandelayo bobabili.
Nokho uthe kwagcina kufika oyedwa, esho ukuthi yena bamshaye waze waquleka, akabonanga ukuthi umufi bagcine bemenza njani.
Uthe umndeni uhambe wayobuza erenki ukuthi baphi abahlasele abagilwa, kwangaba bikho muntu osefuna ukuzihlanganisa nodaba, wathi badlulele ehhovisi likaHlokomela eliKwaMakhutha ukuyobika, bathenjiswa ukuthi udaba luzosukunyelwa.
“Kuvulwe icala lomuntu odukile emaphoyiseni aseDurban Central, kwacingwa yonke indawo, lutho. Sigcine sesibhala ezinkundleni zokuxhumana, sicela ukufuniswa yena,” kubeka uNksz Nyawose.
Uqhube wathi kungene ucingo ngoLwesihlanu lomuntu othe usebenza emakhazeni kahulumeni ePinetown, wathi abazobheka.
“Wathi kunesidumbu somuntu abathi uma besibuka, basifanise nalo esimfake ezinkundleni zokuxhumana, esithi sicela ukufuniswa yena,” usho kanje.
Uthe bathe uma befika, bathola ukuthi wuyena ngempela, wathi batshelwe ukuthi watholwa ngamaphoyisa aseBrighton Beach ku-M4 uma ubheke eBluff.
Uthe ulimele ekhanda, ngemuva nasezandleni.
“Ushayiwe. Kuphinde kubukeke sengathi wakhishwa imoto ihamba,” kusho uNksz Nyawose, othe bafuna baphenyisiswe laba abagcina ukubonakala bemshaya ngoba bewumndeni bayakholelwa ekutheni bayathinteka ekufeni kwakhe.
Uveze ukuthi bathe uma behosha umoya, bathola ukuthi bobathathu abahlaseli, abasabonwa nangokhalo kule renki okwenzeka kuyo isigameko.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingatholakali i-Santaco neHlokomela ukuba baphawule ngalolu daba. Namaphoyisa awayiphendulanga imibuzo ayithunyelelwe ngodaba.