AKUKHO ukuphumula kosomabhizinisi eKapa, kulandela ukufa kukaYanga “Bara” Nyalarha.
UBara waziwa njengobhongoza ebugebengwini bokuqoqa imali yesivikelo (Protection Fee) kumabhizinisi amaningi eKapa, okuwumkhuba abesewuqalile nasembonini yamatekisi. Ungomunye wabantu abayisithupha abaqothwe ngenhlamvu ngamaphoyisa ngesikhathi ibambene phezulu ngoLwesine ntambama, endaweni yaseGcuwa, e-Eastern Cape. Lesi sigameko siqinisekiswe ngokhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLieutenant Siphokazi Mawisa.
UBara obenoxhaxha lwamacala abevulwa abuye asulwe eminyakeni edlule ngenxa yokuthi abebewavulile bebesaba ukufakaza noma ukubulawa. Ubesatshiswa okwenyoka endaweni yaseKhayelisha. Le nsizwa ebinguthisha ofunde wagogoda beyisolwa ekufeni kwabantu abangu-18 eKapa.
Ngosuku lokufa kwakhe lo msolwa odabuka eCofimvaba, kuthiwa ubebize ukhukhulelangoqo womhlangano nabemboni yamatekisi, ebeka imigomo nemibandela yezinto azifunayo, kwazise ubephila kakhulu ngokuthola imali yokuvikela. Kuthiwa ubeqoqa u-R2 000 njalo ngoLwesibili bese efuna u-R30 000 ekupheleni kwenyanga.
Ukufa kwakhe akulibulalanga ibhizinisi lakhe, njengoba kuzungeza umlayezo ezinkundleni zokuxhumana okuthiwa uphuma kwabebesebenza naye.
Umlayezo uthi: Kubo bonke abantu baseSomalia abavikelwe abantu abangaziwa eKapa, kusukela ngoMsombuluko wesonto elizayo, sizofuna u-R50 esitolo ngasinye, kubacwali bezinwele, abathungi namasaluni sifuna u-R20 umuntu ngamunye. Le mali izolekelela enkonzweni yesikhumbuzo yelungu lethu elisanda kusishiya igama lalo nguYanga Nyalarha owaziwa ngelikaBara. Ngithi angithathe leli thuba ukunazisa ukuthi uma lezi zinsizwa esizikhethele umsebenzi zibuya zingayitholi imali esiyifunayo, indawo osebenzela kuyo izovalwa kuthathwe isinqumo sokuthi izokwenziwa njani emva komngcwabo. Ngiyabonga