NKOSIKHONA CELE
ZIBUKEKA zilokhu ziwuzaluzile izagila ezijikijela uNobhala Jikelele woMkhonto Wesizwe (MK), uMnuz Floyd Shivambu, okungakapholi namaseko kade kukhona abamkhomba ngenjumbane eqenjini.
Ngemuva kokuphebeza ukuchashwa ngenhlamba uNkk Duduzile Zuma-Sambudla ngeviki eledlule, izolo bekundiza incwadi okungacaci ukuthi ibhalwe ngubani kodwa kuyona kukhalwa ngoShivambu.
Kuvela ukuthi ibhalelwe u-Advocate Dali Mpofu, kuthiwa ibhalwe ngoFebhuwari 18.
Kule ncwadi kukhalwa ngokuziphatha kukaShivambu nangokusebenzisa kwakhe amandla ngendlela engafanele kubhalwe nosuku aqokelwa ngalo kulesi sikhundla.
Esigabeni sokuqala kukhalwa ngokususwa kwabaholi abangumgogodla weqembu nabathile ababalulekile.
Usolwa ngokugudluza uMnuz Kwazi Mbanjwa, noMnuz Thobani Zuma ezikhundleni zabo ngokwahlukana kwazo. Kukhalwa nangokugudluzwa kukaMnuz Sfiso Zuma, okuthiwa wakhishwa ngendlela engafanele.
Le ncwadi isola uShivambu ngokushaya indiva izinkontileka zokusebenza zesisebenzi zaKwaZulu-Natal, nobuholi.
Ithi kunalokho lezo zinkontileka waziguqula wazibeka imibandela ethile futhi engelula. Phakathi kwaleyo mibandela kubalwa ukuncishiswa kweminyaka esuka kweyesihlanu yaya kowodwa.
Omabhalane wabanciphisela imiholo yenyanga ngo-R6000, kwathi ababhekelele ukuhlanza imiholo yabo wayehlisa ngo-R2000.
Kuthiwa waphinda wethula kabusha umgomo wezinyanga ezintathu lapho umsebenzi asuke esasebenza engaphansi kweso lomqashi ngoba usuke esanda kuqashwa.
Zonke lezi zinguquko uzenze ngaphandle kokuba aqale axoxisane nabathintekayo kumbe ke alandele imigudu efanele.
Esigabeni sesithathu kuthiwa wephule izivumelwano ebezikade zikhona zokukhokhelwa kwehhovisi walaxaza ifenisha yehhovisi entsha ebisanda kuthengwa nezinto zokusebenza. Wala waphetha ukukhokha irenti. Wangaqhamuka nezinhlelo zokugcina lezi zinsiza zikhona.
Ukuvalwa kwamahhovisi kuhlanganiswe nokunqwaha ukukhokhela abasebenzi abangahambisananga nezimfuno zikaShivambu.
Le ncwadi ithi lokhu kuphazamise kakhulu indlela yokusebenza kwaze kwathikameza izinhlelo zeqembu zokukhankasa.
Esigabeni sesine le ncwadi igxila kakhulu ekusetshenzisweni kwamandla nguShivambu ngendlela engafanele, nebonakala ivuna yena. Lapha kuvela ukuthi ukwenza kwakhe sekuholele ekutheni kube nomthelela ongemuhle ngaphakathi eqenjini.
Kukhalwa ngokuthi kunezinto azenzayo esezidale uqhekeko olukhulu eqenjini. Phakathi kwazo kubalulwe ukusayinwa kwezinkontileka ezintsha, ukuhlukunyezwa kwezinye zezikhulu zeqembu.
Kusona lesi sigaba kuhlatshwe kwahlikizwa ukuthi izincwadi zokuxoshwa zalaba zaqale zanekelwa izwe ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi kokuba zifinyelele kulabo ezibhekiswe ngqo, kubona.
Kuthiwa ukwenza kwakhe sekuholele ekutheni kwezinye izindawo kwehle ukuthenjwa kweqembu.
Ukungenzi kahle kwakhe izinto kuthiwa yikhona okwaholela nasekutheni kube khona izinto ezibhimbayo embungazweni omkhulu wonyaka weqembu owawuseMoses Mabhida Stadium.
Esigabeni sesihlanu sencwadi kugcizelelwa kakhulu ukungasetshenziswa kahle kwemali. Kuvela ukuthi ilinganiselwa ku-R25 million imali eyathathwa ngenkani ebuholini obuphezulu besifundazwe, iKwaZulu Natal.
Le mali kuvela ukuthi ibe seyidluliselwa ezandleni zikaMgcinimafa. Lokhu kuholele ekutheni iqembu ligcine selihluleka ukukhokhela imiholo yezinye izisebenzi zalo.
Usolwa ngokusebenzisa ubukhazikhazi bezimoto namahhotela eqophelo eliphezulu okuyinto okuthiwa kayihambisani nomgomo weqembu.
Esigabeni sesithupha kukhalwa ngokusebenzisa kwakhe amalungelo ezomthetho ngendlela evuna yena. Le ncwadi inxusa ukuthi kube khona izinyathelo athathelwa zona ngokushesha uShivambu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-MKP, uMnuz Nhlamulo Ndlela, iphunzile izolo.