BAGWETSHWE kanzima abalisa abane abalahlwa amacala okugebenga izimoto zemali eBoksburg, eKurhuleni.
Kubikwa ukuthi ngomhla ka-17 Meyi 2018, izimoto ezintathu ze-G4S zasuka edepho ye-G4S eBoksburg zilibangise e-Absa Bank, eSpartan, ziyobhanga isamba semali. Ngesikhathi zihamba ngomgwaqo u-Atlas eBoksburg, amadoda ahlome ayizingovolo ngezibhamu ezizishintshayo aphethe neziqhumane ezasetshenziswa ukuvula ngendluzula izimoto zemali, kwebiwa izikhwama zemali kanye nezibhamu zonogada.
Ngokuphazima kweso, amaphoyisa abikelwa ngalesi sehlo aphuthuma khona. Ngokubambisana kwezinhlaka zamaphoyisa okubalwa kuzo oKlebe abaphenya amacala abucayi eGoli, amaphoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD), nophiko lwamaphoyisa ezinja, izinkampani zonogada namaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni (EMPD) alandele izigebengu, kwaze kwaboshwa abasolwa abaningi kwatholakala nemali eyebiwe nezinhlobonhlobo zezibhamu nezinhlamvu.
Izigebengu ezigwetshwe uPaul Sibanda (56), Thato Gaopatwe (33), Thabo Ponatshego Molefe (43), Sibusiso Zakhe Khumalo (43), Collen Zwelakhe Hadebe (49), noThapelo Arnold Nchabeleng (35), bebebhekene namacala amaningi okubalwa awokugebenga kuhlonyiwe, ukuzama ukubulala nelokubulala, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu. Izigwebo zabo, ezidonsa iminyaka engu-36 kuya kwengu-40 ejele, zibonisa ubukhulu bamacala abo.
Umshushisi wethula ngokucophelela icala eliqinile, elichaza ukudelela kwezigebengu kanye nezindlela ezinobuchule ezisetshenziswa yizigebengu. Ukusebenza ngokuzikhandla nokuzibophezela okukhulu, abaphenyi bakwazi ukuhlanganisa ubufakazi obubalulekile obungenakungatshazwa ngakho konke okwenziwe abammangalelwa kuleli cala.
UThato Gaopatswe owayengunogada ngesikhathi sesehlo waxaka abaningi ngesikhathi eqala efaka izithombe zezingubo ezibizayo nezimoto ezibizayo ebukisa nempilo yobukhazikhazi. Lokhu kwaheha amaphoyisa ukuba aphenyisise ngempilo yakhe nokuyilapho okwatholakala khona imali u-R1.2 million lapho ehlala khona.
Bagwetshwe kanje; uPaul Sibanda ugwetshwe iminyaka engu-36, Thato Gaopatwe ugwetshwe iminyaka engu-38, Thabo Ponatshego Molefe ugwetshwe iminyaka engu-40, Sibusiso Zakhe Khumalo 38 kanti uThapelo Arnold Nchabeleng ugwetshwe iminyaka engu-38. Inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi zonke izigwebo zidonswe kanye kanye okubalwa elilodwa lokubamba inkunzi kusetshenziswa isihluku.
Icala elibhekene noMnuz Collen Zwelakhe Hadebe lihlehliselwe ukuqulwa ngomhla ka-7 kuMashi 2025.