Umbuzo
MAGUMEDE, ngingowesifazane nginemizwa yabanye abantu besifazane kodwa yinto engaziwa umuntu. Ngishadile kodwa ukhona owesifazane engithandana naye futhi akaziwa umuntu kwaziwa ukuthi singabangani nje kuphela. Uyafika ngisho kwami azovakasha aze alale uma umyeni wami engekho siziyele ocansini futhi sijole kamnandi. Manje ngicabanga ukucela umyeni wami ukuthi amthathe amenze unkosikazi wakhe. Sibe yisithembu. Siwumndeni ongaswele futhi umyeni wami uyazithanda izinto, ngiyazi uzovuma.
Inhloso yami ukuthi sihlale ndawonye nalo sisi ngoba uthando lwethu luyakhula nsuku zonke. Ngabe ngiyaphaphalaza yini?
Impendulo
INKINGA uma senihlala ndawonye umyeni uzogcina esesola. Mhlawumbe nigcine nibanjiwe ukuthi niyalalana. Bengibona kungcono nijola ningahlali ndawonye kodwa-ke uma unesiqiniseko sokuthi yikona lokho okufunayo, kulungile ungazama inhlanhla yakho kumyeni wakho.
Mhlawumbe uzovuma, angazi uma enqaba ukuthatha umngani wakho ebese ethatha omunye umuntu ngoba uzobe esebonile ukuthi wena awunankinga nesithembu. Kuzomele umcacisele ukuthi awumfuni omunye umuntu ufuna umngani wakho ngoba niyazwana, ngeke nixabane. Kungangcono ukhulume iqiniso ngoba kuyinkinga ukuba nezimfihlo emshadweni kodwa uzozikhethela.