USESEBENZA egaragi elidayisa izimoto uPhumlani Dube, owazakhela igama engumsakazi iminyaka ngeminyaka, waphinde wakhulumela neqembu lebhola, AmaZulu FC.
UDube owaziwa ngelikaBig Pun, uqale lo msebenzi ekuqaleni kwale nyanga egaraji lakwaKia ePinetown.
Ethintwa ngalolu daba, uDube uvumele phezulu esho ukuthi lokhu kuwukushintsha umoya njengoba aziwa njengomuntu wombhobho.
“Nakuba ngaziwa kakhulu ngamagalelo emsakazweni, ngithe ake ngingene emkhakheni owehlukile. Okungijabulisayo ukuthi ngikuthola kulula ukudayisa izimoto. Kungenze ngabona ukuthi akuwona umkhakha okunzima ukuwenza,” kusho uDube.
Udalule ukuthi kumsebenzele kakhulu ukuba sembhobheni isikhathi eside esebenzela izinhlobo ezahlukene zabantu.
“Kungihlanganise nabantu abaningi abehlukene. Kwangilekelela ekutheni ngigcine ngiyinxusa lezimoto ezinkampanini ezinkulu.
“Ngaleso sikhathi bengiye ngithi uma ngithola amakhasimende, ngiwathumele egaraji ukuthi bayothenga izimoto. Langa limbe, ngazibuza ukuthi kungani le nto ngingavele ngiyenze mina ngqo, kwaba ukungena kwami ke kanjalo,” kusho uDube.
Uthe usazothi ukugxila kwezokudayisa izimoto ngoba uthe uma eqhathanisa, wabona ukuthi impilo isingcono kakhulu kunangesikhathi eseyiciko.
“Umkhakha wezobuciko ongelula, isikhathi esiningi usebenza uyitoho nokwenza kube nzima kwabanye ukukwazi ukubhekelela izidingo zabo. La izinto zehlukile ngoba uqashwa ngokugcwele, unikwe nemihlomulo yezinto ezehlukene, ezifana nemoto, uphethroli, imedical aid, nokunye okuningi,” usho kanje.
UDube usebenzele iziteshi zomsakazo ezinohlonze ezine esifundazweni.
Kuzona kukhona uKhozi, iGagasi, iVuma ne-East Coast Radio, wayivala ngokujoyina AmaZulu, ashiye kuwo ekupheleni kuka-2022.
Ebuzwa ngawo, uthe ayisahluko sempilo yakhe asedlule kuso, angasathandi ukulokhu ekhuluma ngaso.
Embhobheni uthe mhlawumbe uyobuye abuyele uma ithuba liphinde liziveza ngoba nasezinkundleni zokuxhumana, inqwaba isakhala ngokuthi akabuyi ngani.