KUNABANTU abazalwa bedla inyama futhi beyithanda, kodwa ngokuhamba kwesikhathi bazizwa sebengasayithandi, bengazi ukuthi lolo guquko oluqubuke esikhaleni ludalwe yini.
Ongoti bezempilo bacebisa futhi baxwayisa abantu ukuthi baqaphele konke lapho behamba khona ngoba lesi simo singadalwa yinto okungenzeka ukuthi abayinakile nhlobo.
Isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, sesidalule ukuthi lesi simo phecelezi i-alpha-gal syndrome (AGS) esingajwayelekile siya ngokuya sihaqa abantu abaningi emhlabeni.
Bathe okwenza sona sehluke kwezinye ezifuze sona nezejwayelekile nje, wukuthi senzeka emuntwini olunywe yikhizane umkhaza, oshiya igciwane nokungcola kuyena okwenza angabe esathanda ukudla inyama ikakhulu eyenkomo, eyengulube neyemvu.
Bathe uma usulunywe yileli khizane emzimbeni womuntu kwakheka igqamuzana elithile elenza ukuthi umzimba ungenzi ngendlela efanele nojwayele ukwenza nokusebenza ngayo uma umuntu eseqede ukudla.
Idalwa yini i-alpha-gal syndrome?
– I-AGS encikene nokulunywa wumkhaza yakheka ngokuthi uma lesi silwanyana sikulumile, kwenza ukuthi amasosha omzimba akho azwele kulokho, bese ekukhombisa ngokuthi uma udla izinhlobo zalezi zinyama ezibalulwe ngenhla kungabi mnandi.
Uzibona kanjani uma usunenkinga yalesi simo?
– Uba nenkinga yotwayi, ulunyelwe emzimbeni.
– Uvuvukala izindebe zomlomo wakho, ebusweni, olimini noma emphinjeni okungenza ungakwazi ukuphefumula kahle.
– Ungahlale unesicanucacu nenhliziyo encane, uphalaze noma uphathwe wubuhlungu esiswini.
– Ungaphathwa yisimo esibucayi i-anaphylaxis, okuthi uma udla lolo hlobo lokudla umzimba wakho ongaludingi, ushokheke noma uphelelwe ngamandla, okungabeka impilo yakho engcupheni.
Ubona kanjani ukuthi une-AGS futhi wenzanjani uma usutholile?
– Uma kwenzeka uzizwa uphathwa yisimo ongasejwayele sokungakhululeki emzimbeni emva kokudla inyama ebomvu, xhumana nodokotela wakho ngokushesha ngalokho, ikakhulu uma ubona izimpawu zegquma ongaliqondi emzimbeni wakho okungenzeka ukuthi zikhombisa lapho owalunywa khona wumkhaza wanganaka.
Ukwelapha lesi simo kudinga ukuthi uhlolwe igazi ukuthi awunawo yini amagciwane adala sona. Lezi zinambuzane zijwayelekile kakhulu ezindaweni zasemakhaya, kodwa futhi zigcwele nasemapaki nasezingadini, ngakho kumele uqaphele kakhulu kulezi zindawo ukuze ungabi nenkinga.
Uphila kanjani uma usuthole ukuthi une-AGS?
– Uma usuthole ukuthi une-AGS, indlela yokuyilawula ibandakanya ukugwema ukudla inyama ebomvu, eyengulube neyemvu. Uma uyothenga ukudla, hlolisisa ukuthi kuthakwe ngani, ukuze ugweme lokho okunemikhiqizo yokudla eyenziwe ngalezi zilwane.
– Bheka nezinhlobo zemithi, amakhambi namaphilisi okusebenzisayo njengoba okunye kwakho nemijovo kuthakwe ngezinhlayiya zemikhiqizo yalezo zilwane okusuke kungasamale ulokhu udla imikhiqizo yazo.
– Zijwayeze ukudla okunempilo nokunika amandla okungaba wufishi ophekwe ngendlela enempilo nezithelo.
– Uma uhambele izindawo zokudlela, qaphela ukuthi hloboluni lokudla okudlayo ukuze ungadli okungafanele.
– Fundisa nabanye bomndeni, abangani bami nanoma wobani abanye osondelene nabo ngalesi simo ukuze basiqonde kahle.