IJONGO laseNquthu, u-Akhonamathemba Mbele (23) elidume ngelikaSweet Guluva kwisizini yesihlanu yohlelo i-Big Brother Mzansi, egoqwe ngeSonto ebusuku, lithi njengoba seliphumele ngaphandle lisazoyicabanga kabanzi eyobudlelwano bothando nentokazi yaseThekwini, u-Ashley.
USweet Guluva ukhale wemuka nemali ewu-R2million, emva kokuvotelwa abalandeli bakhe abathande indlela akade eziphethe ngayo endlini izinsuku ezingu-71.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi abufikanga ubuthongo ecabanga ngokudla kwakhe umhlanganiso.
"Kwenzeke into ebengingayibhekile ngempela. Mina bengiziphilela impilo yami kanti abantu bazokuthanda lokhu engikwenzayo. Ngiswele imilomo ukuveza injabulo enginayo kodwa ngibonga wonke umuntu okhombise uthando wazinika isikhathi wavota," kuchaza yena.
Uthe kuningi asazokucabanga ngabangani abenze endlini kanye nothando abe nalo no-Ashley.
"Okwamanje ngizothanda ukufihla ukuthi mina naye sokwenzani ukuya phambili. Kunezinto okumele ngizicabange ngijule. Kanjalo nakubantu abakade bekhona ngaphakathi ngisazobheka ukuthi obani engizoqinisa ubudlelwano bami nabo," kusho yena.
Uthe okwamanje akazi ukuthi imali uzokwenzani ngayo, kanjalo futhi akakasithathi isinqumo sokuthi uyaqhubeka yini neziqu zakhe zeBusiness Information and Administration akade ezenza eCape Peninsula University of Technology.
Uphethe ngokuthi akakazi ukuthi uzohlangana nini nabalandeli bakhe kodwa afuna ukukuqikelela ukuthi kungaziwa ukuthi udabuka kuphi neNquthu.