KUNEZINTO ezahlukene abashayeli abaningi abazenzayo mihla namalanga ezingagcina zibulala izimoto zabo ngokuhamba kwesikhathi bese bephoqeleka ukungena bagamanxe emaphaketheni.
Ngokusho kukaDewald Ranft onguSihlalo weMotor Industry Workshop Association (Miwa), izinto ezilula zokunakekela imoto nokushintsha indlela oshayela ngayo kungenza imoto yakho ihlale isikhathi eside ithembekile.
"Imoto yakho ingenye yezinto zakho ezinkulu futhi ukuthi uyinakekela kanjani kuthinta amandla ayo nesikhathi esihlalayo. Ukuziba ukuseviswa kwayo, ukuyireva ibanda noma ukwenza into elula njengokunyathela amabhreki kungasheshisa ukuthi aguge nokungenza ukhokhe uma usulungisa," kusho uRanft.
Uthe ukunakekela imoto yakho akugcini kuphela ngokukongela imali kodwa kunyusa ukuphepha nokuthembeka kwayo. Uthe izinto ezincane zingenza umehluko omkhulu.
Ubalule imikhuba ejwayelekile engagcina ibulala imoto:
- Ukweqa amasevisi nokulungiswa: Ukweqa izikhathi zokunakekelwa kwemoto kwenza izinkinga ezincane zibe ngezinkulu.
- Ukuziba ukunakekela amathayi: Amathayi angabhalansile kahle, angafuthiwe kahle futhi agugile athinta ezokuphepha nendlela imoto edla ngayo kuphethroli noma kudizili.
- Ukunyathela amabhreki: Ukugcina unyawo lwakho lunyathele amabhreki imoto ibe yehla noma ukubhreka mawala kwenza ashise kakhulu nokwenza ama-brake pads asheshe aguge.
- Ukureva injini ebandayo: Njengoba ubusika sebusondele, khumbula ukuthi ukunyathela mawala i-accelerator ngaphambi kokuthi injini ifudumale kufaka ingcindezi kumaphathi abalulekile.
- Ukushayela nophethroli omncane: Ukushayela ngophethroli osucishe uyophela kungalimaza i-fuel pump kuphazamise nama-fuel injector okunciphisa ukonga namandla.
- Ukuziba ukushintsha amafutha: Amafutha amadala enjini ayahluleka ukumanzisa kahle nokungaholela ekutheni zisheshe ukuguga izinto enjinini.
- Ukushayela ngesivinini kuma-pothole: Ukungena kwi-pothole ngesivinini kungalimaza amathayi, amarimu ne-suspension nokungaholela ekutheni ukhokhe imali enkulu uma usulungisa.
- Ukusebenzisa amaphathi asezingeni eliphansi nokusaketshezi lwamanzi: Amaphathi ashibhile noma angahambisani nemoto angaphazamisa ukusebenza kwayo kunyuse namathuba okuthi ife. Hlala ukhetha amaphathi asezingeni eliphezulu futhi ahambisana nemoto yakho.