KUCINGWA abasolwa abangaphezu kuka-16 000 abambe bembulula emuva kokukhishwa ngebheyili yizinkantolo zakuleli.
Kulaba kukhona nabokufika kuleli abangu-262.
Lezi zibalo zivezwe nguNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ephendula imibuzo yelungu le-DA ePhalamende, uNkk Kabelo Kgobisa-Ngcaba.
UNkk Kgobisa-Ngcaba ubuze kuMchunu ukuthi bangaki abakhale bemuka bangabe besabuyela ezinkantolo ukuyoqula amacala ababhekene nawo?
Ubuze nokuthi kulaba bangaki abokufika, kanjalo nokuthi bangaki abanamacala aneminyaka emihlanu kuya phezulu?
Ephendula uMchunu uthe sebebonke bangu-16 012 ababacingayo emva kokuphuma ngebheyili bangabe besabuyela.
Uthe ibheyili ayikhishwa amaphoyisa kodwa izinkantolo zakuleli.
"Bangu-4 516 abanamacala aneminyaka emihlanu kuya phezulu. Abokufika bangu-262."
UMchunu uthe uma laba abadle phansi amacala azovulwa kabusha uma sebebanjiwe.
Uveze ukuthi badedelwa uma sekuphothuliwe ngamacala abebebhekene nawo yizinkantolo.
"Badedelwa uma bevunwa isinqumo saleyo nkantolo. Uma ebanjwa obebaleke emva kokuthola ibheyili ubhekana necala, akabe esabizwa ngoweqile uma esebanjiwe," kusho uMchunu.