UKUQONDA ukuthi impilo yamanje idinga imali ukuze iqhubeke kwenza uNkk Nonhlanhla Mfeka wakha icebo lokuthi umndeni wakhe ube nento ozobambelela kuyona uma kufika izimo lapho izidingo zempilo ziba ngaphezu kwemali abanayo.
Liqale kanjalo ibhizinisi lomndeni elenza izimpahla ezakhiwe ngesikhumba, iMfeka Leather Art, eliholwa wuNkk Mfeka ebambisene nonina namadodakazi akhe amabili.
Elandisa Isolezwe ngaleli bhizinisi eliqale ngo-2014, uNkk Mfeka uthe ngenxa yokuthi umsebenzi wezandla yinto abakhule bevele bekwazi ukuyenza emndenini wabo, ubone kukuhle ukusebenzisa lokho ukuze kube nento ezofaka imali ekhaya.
“Nakuba kungesiyo into esigxile kakhulu kuyona nsuku zonke ngenxa yokuthi akulona uhlobo lwebhizinisi elenza into edingeka njalo ebantwini, kepha okuhle ngalo wukuthi uma sekungena imali, ingena kakhulu sikwazi ukuyisebenzisa ukuphesha izidingo zomndeni nokunye esisuke sikudinga,” kusho uNkk Mfeka.
Eqhuba, uthe basebenzisa isikhumba ukwenza imikhiqizo ehlukene okukhona kuyona imicamelo yosofa, imihlobiso yamatafula, imicamelo yokuhlobisa emicimbini, namaphinifa alungele ukugqokwa ngabantu abasuke beseva ukudla emicimbini, angakulungele ukusondela ebhodweni nxa uwagqokile.
Uthe: “Njengoba kuwuJanuwari kusathulekile ngenxa yokuthi amakhasimende ethu amaningi avame ukuqhamuka maphakathi nonyaka nangasekupheleni kwawo, lapho esenza khona imali ebhekile impela kangangokuthi kuyenzeka sihlanganise u-R10 000 ngenyanga nangaphezulu uma kusahamba kahle konke.”
UNkk Mfeka waseLamontville, eThekwini, udalule ukuthi okwamanje amakhasimende abo amaningi aseThekwini namaphethelo, okuyinto abafuna ukuthi ishintshe ngokuqhubeka kwesikhathi, banabele nakwezinye izindawo.
“Enye inselelo esivame ukuba nayo ngeyokuthi kuyenzeka sithintwe yikhasimende elifaka i-oda ngamacozucozu okwenza ukuthi uma sesithenga indwangu esiyisebenzisayo ngesinye isikhathi, sifike isibiza. Lokhu kwenza silahlekelwe yimali. Nokho yibhizinisi eliphilayo nesikwaziyo ukwenza inzuzo ngalo ngoba ababaningi abantu abenza njengathi,” kusho uNkk Mfeka.