IMOTO: FORD ECOSPORT
Durban - IFord EcoSport ingenye yezimoto ezingamavulandlela esigabeni samaSUV amancane eNingizimu Afrika.
Lesi sigaba siqubuka nje, i-EcoSport isivele inenqwaba yabantu abayithengayo.
Izinkampani eziningi zilandelile ngezazo izimoto ukuze zizoyishubisela. Lapha ngibala iToyota Urban Cruiser okuyiyo edayisa kakhulu kulesi sigaba, VW T-Cross, Hyundai Venue, Mahindra XUV300, Kia Sonet, Chery Tiggo 4 Pro nezinye.
Yize izimbangi ziseningi i-EcoSport kodwa isaqhubeka nokubalwa nezidayisa kakhulu.
Lokhu kungenxa yokuthi inezinto eziningi ezidingwa ngabathengi kulesi sigaba.
Ngaphambili ine-grille enkulu egqize nge-chrome neyenza ibukeke kahle. Amalambu bekungaba kuhle ukuthi angamaLED njenge-Urban Cruiser kodwa nezinye izimbangi zishaya ngama-halogen.
Ukushiya kwayo igabade ngo-206mm nama-roof rails okhakhayini kungenye yezinto eziyenza ibukeke njengeSUV. Amarimu angu-17 ayagqama ohlangothini.
Emhlane itete isondo eliyisipele elingu-16 inch.
Ngaphakathi isikhala sikhona kodwa hhayi kangako. I-wheelbase yayo ingu-2 519mm nokuyinto ende kune-Urban Cruiser, Hyundai Venue neKia Sonet.
Ibhuthi isikhala singu-333 litres. Inkinga indlela evuleka ngayo ngoba uma uncike odongeni akulula kwazise ivuleka njengesicabha. Ayiphakami njengakwezinye izimoto.
Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system engu-8 inch egqame kahle. Uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, udlala umsakazo, inkombandlela, nokunye. Inezimbobo ezimbili ze-USB ngaphambili nokuyinto enhle.
Isiteringi sinamabhathini okuphendula ucingo, ukuhlela umsindo we-radio ne-cruise control.
I-cruise control le, ingenye yezinto ezenza impilo yomshayeli ibe lula. Okunye ngama-sensor ngaphambili nangemuva asiza uma upaka ne-hill start assist. Lokhu kwengeza nokuphepha futhi okunye ngama-airbag ayisikhombisa ngaphakathi.
I-EcoSport inenjini engu-1 litre kaphethroli eyi-three cylinder turbo. Inamandla angu-92kW ne-torque engu-170Nm. U-gearbox uyi-6 speed auto.
Ukuhamba kahle kwayo emgwaqweni kungenye yezinto eziyenza ibe yintandokazi ngoba intofontofo futhi amabhampu awuwazweli kakhulu, ikakhulukazi emigwaqweni yasedolobheni. Amandla iwafaka kahle ngale kwenkinga futhi enele ngoba nezimbangi eziningi zinezinjini ezincane. Cishe eziningi iyazehlula ngamandla enawo njengoba engu-92kW nje.
Kuphethroli bathi idla amalitha angu-6.3 ngo-100km kanti kimi ibidla angu-7.4 ngebanga elifanayo.
Intengo:
1.0 EcoBoost Titanium 6AT – R416 900