IMOTO: RENAULT CLIO V INTENS
IRENAULT Clio yimoto engadinge kwethulwa eNingizimu Afrika njengoba ineminyaka ikhona futhi iyindandokazi.
IClio iqale ukutholakala kuleli kusuka ngo-2000 ngenhlobo yesibili.
Eyesihlanu mhlawumbe isadinga ukwethulwa ngoba ayikakandi yize ifike ngoFebhuwari nonyaka.
Kungenzeka ukuthi inkinga yesitokwe inomthelela kulokhu ngoba ngesikhathi ifika kwathiwa banalinganiselwa ku-525.
Owezokuxhumana kwaRenault kuleli, uViviene Ward, uthe isitokwe sikhona emagaraji kodwa izinto zizoqala ukuba ngcono kusuka ngo-Okthoba.
KwaRenault bathathe iClio endala bangayishintsha kakhulu indlela ebukeka ngayo kodwa bayenza yaba ngcono futhi bathi yintsha sha.
Ngaphambili inophawu olukhulu lakwaRenault olucwebezelayo bese iba namalambu angamaLED ngemuva nangaphambili. Inakhanyisa emini amise okukaC.
Okunye okwengeza ubuhle ngale kombala o-flame red, ngamarimu angu-17 inch bese kuthi izicabha zangemuva kube sengathi azivuleki uma unganakile njengoba izibambo bezifake phezulu ngasewindini.
Ayinayo isunroof njengeVW Polo kodwa neToyota Starlet iyintandokazi ngaphandle kwayo.
Ngaphakathi kugqame i-touchscreen infotainment system engathi yi-tablet. Udlala khona umsakazo, ubona inkombandlela, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto, ubona khona ingemuva uma uhlehla (inama-sensor ) nama-drive modes abhalwa khona uma uwashintsha.
Uma ushintsha ama-drive modes ne-digital instrument cluster iyashintsha indlela ekhanya ngayo.
Inamawindi kagesi, amabhathini esiteringini e-cruise control, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo nezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB.
Isikhala kubagibeli bangemuva asisikhulu kangako kodwa ebhuthini sikhulu singu-361 litres futhi singaphezulu kweseSuzuki Baleno.
Injini ngaphansi kwebhonethi ingu-1.0 litre turbo kaphethroli enamandla angu74kW ne-torque engu-160Nm. U-gearbox uyi-5 speed manual, okwamanje ayikho ezishintshayo nokuyinto engenza abanye bayobheka izimbangi.
Ukufaka amagiya akushibiliki njengakwezinye. Okungichazayo nokho amandla igiya lesihlanu elinawo. Kwenza noma udlula enye imoto ungalokhu ushintsha.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-6.8 ngo-100km.
Ngaphandle kwe-cruise control iyakusiza njengomshayeli ngokukutshela uma isiphuma emzileni.
Intengo:
Clio V 1.0 Turbo INTENS (With Option Pack) - R364 900
Ine-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, i-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.