IMOTO: HYUNDAI GRAND i10
I-GRANDA i10 yimoto ehlalelwe wumsebenzi wokudoba amakhasimende iwafake kwaHyundai ngoba iyona encane kunazo zonke le nkampani ezidayisa kuleli.
Isale yodwa njengencane ngemuva kokuhoxiswa kwe-Atos. I-Grand i10 ihlukene kathathu njengoba kukhona le esiyivivinyayo, eyi-sedan bese kuba neyokuthutha impahla iGrand i10 Cargo.
Esiyivivinyayo iyi-hatchback, isembangweni wabathengi neVW Polo Vivo, Suzuki Swift, Toyota ukukha phezulu.
Umbala oluhlaza obizwa ngeSpark Green, ngenye yezinto ezintsha ezihehayo kule ethuthukisiwe. Uyenza igqame futhi ibukeke iyintsha.
Ezinye izinguquko zenziwe kwi-radiator grille nakuma-fog lamps. Amarimu angu-15 nawo bathe ukuwashintsha kancane.
Ungayibuka incane kodwa uma ungena ngaphakathi isikhala sikhona sokuhlala abagibeli. Ngisho nangemuva abade abampintsheki kakhulu. Nasebhuthini futhi isikhala sikhona singu-360 litres.
Ngiya emcimbini ngayo eRichards Bay ngizithole ngiduka lapho ebengiya khona, bangithumela inkombandlela okube lula ukuyilandela ngoba ivele kwi-touchscreen infotainment system esithe ukuba nkudlwana. Angithi iselula bengeyixhume nge-Apple CarPlay.
Kusona futhi lesi screen wubona ingemuva uma uhlehla, okuyinto eyenza impilo ibe lula, ikakhulukazi kubashayeli abasebasha. Kuphinde kube nama-sensor.
Endleleni sihamba ngike ngafisa sengathi kukhona elinye igiya lesithupha sengishintsha ngizwa indlela ebidumela phezulu ngayo. Leli giya bengibona sengathi lizokwenza injini ikhululeke, ikakhulukazi emgwaqweni ovulekile usuyibambe ngo-120km/h.
Injini lena ingu-1.2 litre kaphethroli. Inamandla angu-61kW ne-torque engu-114Nm. Igearbox eyi-5 speed manual kodwa ikhona nezishintshayo uma uthanda.
Ngaphandle kwalo msindo ogcina usuzwa sengathi usuhambe isikhathi eside endleleni, iyagudla yona emgwaqeeni. Iyalibamba ijubane elisemthethweni. Kuphethroli kubo kwayo bathi idla amalitha angu-5.5 ngo-100km. Kimi ibidla angu-6.5 ngemuva kokuhlala nayo.
Ithangi uma ligcwele uhamba ngaphezulu kancane kuka-500km, okuyinto engicabanga ukuthi yinhle.
Kwezokuphepha bayifake ama-airbag amabili namabhreki e-ABS.
Isigaba ekuso sishubile ngoba iPolo Vivo iyintandokazi kanti neSuzuki Swift ayizibekile phansi, abantu bakhombisa ukuyithanda.
Intengo:
•1.2 Fluid hatch manual - R285 500
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km ne-service plan yonyaka noma u-15 000km.