IMOTO: BMW X1
Kungakudidi ukuthi iBMW X1 yiSUV encane emndenini wakwaBMW ngoba uma ufika kuyo uzomangala ngenxa yobukhulu bayo.
I-X1 ifike ngo-2009, kwalandela eyesibili ngo-2015 njengoba sekukhona eyesithathu nje.
KwaBMW bathi sebedayise angaphezu kuka-2.7 million kusuka ngo-2009 kuze kube wu-2022.
Le moto incintisana neMercedes-Benz GLA, Audi Q3, Lexus UX neVolvo XC40.
Entsha inkulu kunendala. Ubude bayo sebuthe xaxa njengoba ingu-4 500mm. Lokhu kwenze ne-wheelbase yaba yinde kwazise isingu-2 692mm. Ububanzi bungu-1 845mm.
Uma ubheka iX3 eyelamayo yona ine-wheelbase engu-2 864mm.
Lobu bukhulu bayo benza ukuthi kube yigama nje ukuthi yiSUV encane ngoba ngaphakathi inodedangendlale wesikhala.
Kuyodingeka ube wumuntu olishiye ngempela igabade uma ukhala ngokumpintsheka amadolo uma uhleli ngemuva. Izihlalo ziyisikhumba futhi uma uthanda ungafaka ama-sport seats ngaphambili akuwotawotayo. Ibhuthi ingu-540 litres futhi uma ulalise izihlalo iba ngu-1 600 litres.
Engikuqaphelile ukuthi ngaphambili amabhathini awabonwa. Cishe yonke into uyenza kwi-touchscreen engu-10.7 inch. Ihlangana kamnandi ne-information display engu-10.25 inch.
Kwi-touchscreen izinto ezifana ne-aircon, Apple CarPlay, Android Auto, inkombandlela nokunye ukubona khona. Inkombandlela ikuvezela nezithombe zalapho okumele ujike khona ngokuqopha ngekhamera engaphambili bese kuvela kwi-screen sigqame kahle.
Uthola indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, ezimbili oshaja kuzo nge-USB kanjalo nezinye ezimbili ngemuva.
Uma uthanda ungayigaxa i-ambient lighting, panoramic sunroof nezipikha zeHarman Kardon.
IX1 itholakala ngezinjini ezimbili - ekaphethroli nekadizili - ezifakwe u-gearbox oyiseven-speed Steptronic transmission. Ehamba ngogesi wodwa i-xDrive30e izolandela maduze.
Kukhona engu-1.5 litre kaphethroli enamandla angu-115kW ne-torque engu-230Nm. Ibamba u-100km/h ngemizuzwana eyisishiyagalolunye kanti ngo-100km/h bathi idla amalitha kaphethroli angu-6.5.
Eyesibili, nokuyiyo engiyithandayo yi-2.0 litre kadizili. Inamandla angu-110kW ne-torque engu360Nm. Bathi isuka iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-8.9.
Okungenza ngiyithande wukonga kwayo njengoba bethi kudizili idla 5.0l/100km. Igcwele ngiyibone ithi ngingahamba amakhilomitha angaphezu kuka-900.
Ekadizili inamandla iyashesha noma isuka. Uma ufuna ukudlula enye imoto masinyane uvele ubambe kuma-pedal shifters lapho ibhalwe khona uBoost bese yehlisa amagiya ijubane linyuke mawala.
Emgwaqweni i-X1 ihamba kamnandi ithule ngaphakathi. Intofontofo yize amarimu amakhulu angu-20 inch enakho ukuphazamisa kancane ubuntofo bayo.
Uma ungawafuni la marimu ifika nangu-18 inch kodwa angu-19 inch no-20 inch uwafaka uma uthanda.
Inenqwaba yobuchwepheshe okukhona kubo ukuthi isho uma izoshayisa ngaphambili, iyakusiza uma upaka, cruise control nokunye. Uma uthanda ufaka i-adaptive cruise control, head-up display namakhamera aliveza lonke ingaphandle.
Intengo:
BMW X1 sDrive18i
xLine – R753,045.40
M Sport package - R793,045.40
BMW X1 sDrive18d
xLine - R790,616.60
M Sport package - R830,616.60