ILANGA lingezinye zezinto eziyingozi emgwaqweni ezinganakiwe, ngokusho kweVision Council of America.
USihlalo weMasterDrive, u-Eugene Herbert, uthe ukunakekelwa kwamehlo ezimotweni yinto okumele inakwe njengobunye ubungozi.
“Ngokuhamba kwesikhathi kungaphazamisa indlela obona ngayo nokungaba yingozi ekuphepheni,” kusho uHerbert.
Uthe abantu kumele bacabange ngesikhathi bejika ikhona bese bexhoshwa yilanga.
“Kulesi sigameko kungakuthatha imizuzwana efinyelela kwemihlanu ukuze uphinde ubone ngokuphelele. Lesi yisikhathi esifanayo sokuphazamiseka uma ubuka iselula,” kuqhuba yena.
Ukhiphe nanka amathiphu okuvikela amehlo emgwaqweni nokuphepha:
-Gqoka izibuko zelanga ukunciphisa indlela elixhopha ngayo futhi zikuvikele ukuthi angalimali.
-Uma udinga ukuthola ama-lens kadokotela, thenga nezibuko zelanga zikadokotela futhi.
-Uma uhamba ngendlela eyodwa zonke izinsuku, zilungiselele ezimpambanweni lapho ilanga elixhopha ngendlela eyenza kube nzima ukushayela futhi lungisa okokusitha ilanga emotweni (sun visor) kusanesikhathi.
-Hlanza i-windscreen yakho hhayi kuphela ngaphandle kodwa nangaphakathi.
-Ukuklwebheka, ukuklayeka nokushayeka kwe-windscreen kungadala ukuxhopha kwelanga kuphazamise nokubona.
-Ukuhlaba ikhefu ngaso sonke isikhathi uma uhamba ibanga elide kubalulekile ukugwema ukukhathala kwamehlo.
-Uma libalele kakhulu, yilapho amehlo ezwela khona kakhulu.
-Hlala uyohlola amehlo minyaka yonke uma kungenzeka, ngale kwalokho njalo ngemuva kweminyaka emibili.
-Ukuphasa ukuhlola amehlo uma uvuselela izincwadi zokushayela kuyisiqiniseko sokuthi ukubona kwakho kuyaphumelela kodwa akusho ukuthi amehlo akho asezingeni eliphezulu lokugwema ubungozi emgwaqweni.
-Ebusuku buka kancane ngakwesokunxele uma kunemoto ezayo ukuze ungaxhopheki.
-Izibuko ezine-non glare zingasiza ukuthi ungaxhopheki ebusuku kodwa ungazifaki ezelanga noma ezinama-lens aphuzi.