UCWANINGO lwe-AutoTrader lukhomba ukuthi imboni yezimoto ezingamasekeni iyaqhubeka nokundlondlobala eNingizimu Afrika.
Ukufunwa kwalezi zimoto sekwenze nentengo yazo yaba phezulu.
Ithe intengo (average price) yezimoto ezidayisa inyuke ngo-10% isuka kuR386 682 ngo-2021 yaba kuR427 290 kulo nyaka.
I-AutoTrader iqhube yathi isitokwe sincane kunendlela abantu abafuna ngayo izimoto ezidayisa kakhulu.
“Isitokwe semoto edayisa kakhulu kwezincane eyisekeni iVW Polo Vivo eyakhiwa kuleli, sehle ngohhafu. Esesibili esehle kakhulu ngeseBMW 3 Series (33%), kulandele iMercedes-Benz C-Class eyakhiwa kuleli (17%) neVW Polo (16%) neVW Golf elandwa ngaphandle (11%).
Isitokwe samaveni akhiwa kuleli sinyukile. IToyota Hilix (okuyiyona okubuzwa ngayo kakhulu) sinyuke ngo-18% kulandele iFord Ranger ngo-3%.”
Ithe ukunyuka kwenzalo yemalimboleko nentengo kaphethroli kungase kwehlise indlela abantu abafuna ngayo izimoto njengoba nentengo yokuphila iphezulu.
Isikhulu se-AutoTrader, uGeorge Mienie, sithe uma kungalungiswa ukuthi izimoto ezintsha zifike kumakhasimende nokushoda kwama-chip, lokhu kungenza ukuthi abantu bafune izimoto ezintsha bese kwehlisa nentengo yezingamasekeni ngoba sizokwehla isibalo sabazifunayo.
Uthe uma umnotho ungalungiseka nokuthi kutholakale izimoto ezintsha, intengo yezingamasekeni ingehla ezinyangeni ezingu-12 ezizayo.