NJENGOBA kuqala inyanga entsha uFebhuwari kusho ukuqala kwemoto osekunesikhathi kubikezelwa ukuthi iyeza iVolkswagen Caddy.
Kuke kwavela ukuthi iCaddy izokwethulwa ngasekupheleni konyaka odlule kodwa kwagcina kungenzekanga.
ICaddy iqale ukudayisa kuleli kusuka ngi-1992 futhi sekudayise angaphezu kuka-35 000.
Entsha, okungeyesizukulwane sesihlanu, ifika namagama amasha okuyi Caddy, Caddy Maxi, Caddy Kombi, Caddy Maxi Kombi, Caddy Cargo neCaddy Maxi Cargo.
Inezinhlobo ezimbili zezinjini okuyi-1.6i kaphethroli enamandla angu-81kW ne-2.0TDI kadizili nayo enamandla angu-81kW.
Ngaphandle inamaLED headlights amasha, ipanoramic oyifaka uma uthanda, itowbar namarimu angu-16 inch. Kukhona nemibala emisha engu-12.
Ngaphakathi bathi ivulekile futhi inenqwaba yobuchwepheshe obusiza ukuthi umshayeli nomgibeli baphephe.
Inecruise control, Park Assist, ikhamera ngemuva nokunye.
Intengo:
•Caddy 1.6i 81kW Manual - R484 200
•Caddy 2.0 TDI 81kW Manual - R573 800
•Caddy Maxi 2.0 TDI 81kW Manual - R600 400
•Caddy Kombi 1.6i 81kW Manual - R412 100
•Caddy Kombi 2.0 TDI 81kW Manual - R476 100
•Caddy Maxi Kombi 2.0 TDI 81kW Manual - R502 700
•Caddy Cargo 1.6i 81kW Manual - R404 000
•Caddy Cargo 2.0 TDI 81kW Manual - R460 600
•Caddy Maxi Cargo 2.0 TDI 81kW Manual - R487 200